Wayesesukuma uPetru nabayishumi nanye, waphakamisa izwi lakhe, waphumisela wathi kubo:
“Madoda akwaJuda nani nonke enakhileyo eJerusalema, makwazeke lokhu kini, nibeke indlebe emazwini ami. Ngokuba laba kabadakiwe njengokucabanga kwenu, lokhu kuseyihora lesithathu lemini; kodwa lokhu kuyikho okwakhulunywa ngomprofethi uJoweli ukuthi:
“ ‘Kuyakuthi ezinsukwini zokuphela, kusho uNkulunkulu,
ngiyakuthulula uMoya wami
phezu kwayo yonke inyama;
amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha,
izinsizwa zenu zibone imibono,
abadala benu baphuphe amaphupho;
yebo, naphezu kwezinceku zami
nezincekukazi zami
ngiyakuthulula uMoya wami ngaleyo mihla,
ziyakuprofetha.
Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini phezulu
nezibonakaliso emhlabeni phansi,
igazi, nomlilo, nokuthunqa komusi.
Ilanga liyakuphenduka ubumnyama,
inyanga ibe yigazi,
lungakafiki usuku olukhulu
noluqhamileyo lweNkosi.
Kuyakuthi yilowo nalowo
obiza igama leNkosi uyakusindiswa.’
“Madoda akwa-Israyeli, zwanini lawa mazwi: UJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla nangezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phakathi kwenu, njengalokhu nazi nina uqobo lwenu, yena lo, esenikelwe ngesu elimisiweyo nangokwaziphambili kukaNkulunkulu, nambethela ngezandla zabangenamthetho, nambulala; lowo uNkulunkulu wamvusa ethukulula iminjunju yokufa, lokhu kwakungenakwenzeka ukuba abanjwe yikho. Ngokuba uDavide uthi ngaye:
“ ‘Ngayibona iNkosi phambi kwami njalo,
ngokuba ingakwesokunene sami,
ukuze nginganyakaziswa.
Ngalokho inhliziyo yami iyajabula,
nolimi lwami luyethaba;
ngisho nenyama yami iyakuhlala
ngokwethemba.
Ngokuba awuyikushiya umphefumulo wami eHayidese,*
futhi awuyikuvuma oNgcwele wakho
abone ukubola.
Wangazisa izindlela zokuphila;
uyakungigcwalisa ngokujabula ebusweni bakho.’
“Madoda, bazalwane, ake ngikhulume kini ngokusobala ngokhokho uDavide ukuthi wafa, nokuthi wembelwa, nokuthi ithuna lakhe lisekhona kithi nanamuhla. Ngakho lokhu engumprofethi, ekwazi ukuthi uNkulunkulu wayefungile kuye ngesifungo ukuthi enzalweni yokhalo lwakhe uyakubeka omunye esihlalweni sakhe sobukhosi, ebona kuse phambili, wakhuluma ngokuvuka kukaKristu ukuthi akashiywanga eHayidese,* nenyama yakhe ayibonanga ukubola. UJesu lo uNkulunkulu wamvusa, esingofakazi bakho thina sonke; ngakho ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, wakuthulula lokhu enikubonayo nenikuzwayo. Ngokuba uDavide akenyukelanga ezulwini, kepha yena uthi: ‘INkosi yathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.” ’
“Ngakho indlu yonke yakwa-Israyeli mayazi impela ukuthi uNkulunkulu umenzile iNkosi noKristu uJesu lo enambethela nina esiphambanweni.”
Sebekuzwa bahlabeka enhliziyweni, bathi kuPetru nakwabanye abaphostoli: “Madoda, bazalwane, siyakwenze njani na?”
UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele. Ngokuba isithembiso ngesenu nesabantwana benu, esabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.”
Wafakaza nangamanye amazwi amaningi, wabayala wathi: “Zisindiseni kulesi sizukulwane esiphambeneyo.”