IzEnzo 19:11-20

IzEnzo 19:11-20 ZUL59

UNkulunkulu wenza imisebenzi yamandla engavamile ngezandla zikaPawulu, baze bathatha amaduku nezindwangu emzimbeni wakhe, bazibeka phezu kwabagulayo; zase zisuka kubo izifo, nomoya ababi baphuma. Kepha nabathile abayizanusi kubaJuda, abayizinzulane, balokotha ukuphatha igama leNkosi uJesu phezu kwabakhwelwe ngomoya ababi, bathi: “Ngiyanifungisa uJesu amshumayelayo uPawulu.” USkeva othile, umJuda, umpristi omkhulu, wayenamadodana ayisikhombisa ayekwenza lokho. Kepha umoya omubi waphendula, wathi kuwo: “UJesu ngiyamazi, noPawulu ngiyamqonda; kepha nina ningobani na?” Lowo muntu onomoya omubi wabadumela, wahlula ababili, wabanqoba, baze baphunyuka kuleyo ndlu behambaze, belimele. Lokho kwezwakala kubo bonke abakhileyo e-Efesu, abaJuda namaGreki, ukwesaba kwabehlela bonke; ladunyiswa igama leNkosi uJesu; nabaningi kwabakholwayo beza bazivuma, bazibika izenzo zabo. Kepha abaningi kubo ababenza imilingo babuthela ndawonye izincwadi zabo, bazishisa phambi kwabo bonke; bahlanganisa amanani azo, bafumana ukuthi ayizinhlamvu zesiliva eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu. Kanjalo izwi landa ngamandla eNkosi, lanqoba.

Funda IzEnzo 19

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo