2 kuThimothewu 4:17-18

2 kuThimothewu 4:17-18 ZUL59

kodwa iNkosi yangimela, yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami, nabezizwe bonke bezwe; ngase ngikhululwa emlonyeni wengonyama. INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingisindise, ngize ngifike embusweni wayo osezulwini; makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.