Kepha endlini enkulu akukho izitsha zegolide nezesiliva kuphela kodwa nezemithi nezebumba, ezinye ezihloniphekayo, ezinye ezingahloniphekiyo; ngalokho uma umuntu ezihlanza kulezo zinto, uyakuba yisitsha esihloniphekayo, esingcwelisiwe, esinosizo kumninindlu, esilungiselwe umsebenzi wonke omuhle. Kepha balekela izinkanuko zobusha, ujonge ukulunga, nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlambulukileyo. Kepha ukuphikisana kobuwula nokokungazi ukunqabe, wazi ukuthi kuzala ukulwa; inceku kaKristu ayifanele ukulwa, kodwa mayibe mnene kubo bonke, inesu lokufundisa, ibekezela, ibalaya ngomoya omnene abamelene nayo, kumbe uNkulunkulu angabanika ukuphenduka, baze balazisise iqiniso, basanguluke, baphume ogibeni lukaSathane ababanjwe nguye ukuba benze intando yakhe.
Funda 2 kuThimothewu 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 2 kuThimothewu 2:20-26
21 Days
Oftentimes we struggle to share the gospel with our friends. Either we are overcome with fear or don't know what to share. We all need a burden to reach our lost friends for Christ. This is a 21-day Bible reading plan that helps us meditate specifically on passages related to evangelism and is accompanied by a short prayer for each day for our friends.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo