2 kwabaseThesalonika 3:1-5

2 kwabaseThesalonika 3:1-5 ZUL59

Elokugcina, bazalwane, sikhulekeleni ukuba izwi leNkosi likhawuleze, lidunyiswe, njengalokhu kunjalo nakini, nokuba sikhululwe kubantu abadukileyo nababi; ngokuba ukukholwa akusikho okwabo bonke. Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa, inilondoloze komubi. Siyethemba eNkosini ngani ukuthi lokhu esiniyala ngakho niyakwenza nokuthi nizakukwenza. Kepha iNkosi mayiqondise izinhliziyo zenu othandweni lukaNkulunkulu nasekubekezeleni kukaKristu.