2 uSamuweli 12:21-23

2 uSamuweli 12:21-23 ZUL59

Zase zithi izinceku zakhe kuye: “Yintoni le oyenzileyo na? Wazila ukudla, wakhala ngomntwana esekhona, kepha lapho esefile, uvukile wadla.” Wathi-ke yena: “Umntwana esekhona ngazila ukudla, ngakhala, ngokuba ngathi: Ngubani owaziyo ingabe uJehova uyakuba nomusa kimi ukuba umntwana aphile na? Manje usefile; ngiyakuzilelani na? Ngingambuyisa yini? Ngiyakuya kuye, kepha yena akayikubuyela kimi.”