Nginesibindi esikhulu ngani, nginokuzibonga okukhulu ngani; ngigcwele induduzo, nginentokozo enkulu kakhulu phezu kosizi lonke esinalo. Ngokuba nasekufikeni kwethu eMakedoniya inyama yethu ayibanga nakuphumula, kodwa sakhathazeka nxazonke; ngaphandle kwakukhona ukulwa, ngaphakathi ukwesaba. Nokho uNkulunkulu oduduza abadanileyo usiduduzile thina ngokufika kukaThithu, kungabi ngokufika kwakhe kuphela, kodwa nangenduduzo aduduzwa ngayo ngani, esilandisa ngokungilangazelela kwenu, nangokungililela kwenu, nangokungishisekela kwenu, ngaze ngathokoza kakhulu. Nakuba nganidabukisa ngencwadi yami, angizisoli; nakuba ngangizisola – ngiyabona ukuthi leyo ncwadi yanidabukisa noma kwaba yisikhathi nje – manje ngiyathokoza, kungengokuba nadabukiswa, kodwa ngokuba nadabukiswa kwaba ngukuphenduka; ngokuba nadabukiswa ngokukaNkulunkulu, ukuze ningalahlekelwa lutho ngathi.
Funda 2 kwabaseKorinte 7
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 2 kwabaseKorinte 7:4-9
13 Days
How can we learn to live like Jesus if we don’t first love like Him? Read along with Life.Church staff and spouses as they retell the experiences and Scriptures that inspire them to fully live and Love Like Jesus.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo