2 kwabaseKorinte 2

2
Ngokubuyiselwa kwezoni eziphendukayo
1Kepha ngazimisela lokhu nami ngokwami ukuthi angisayikuza kini nginokudabuka. 2Ngokuba uma mina nginidabukisa, pho, ngubani ongithokozisayo, uma kungesiye odabukiswa yimi, na? 3 Ngakuloba khona lokho, funa kuthi ekufikeni kwami ngithole ukudabuka ngalabo ebengifanele ukuthokoza ngabo, nginethemba ngani nonke ukuthi okwami ukuthokoza kungokwenu nonke. 4 Ngokuba ngosizi olukhulu nangobuhlungu benhliziyo nganilobela nginezinyembezi eziningi, kungabi ngukuba nidabukiswe, kodwa ukuze nazi uthando enginithanda kakhulu ngalo.
5Kepha uma kukhona odabukisileyo, akangidabukisanga mina, kodwa, ukuze ngingeqisi, ngokwenxenye unidabukisile nonke. 6Kumanele onjalo lokho kujeziswa ajeziswa ngakho ngabaningi; 7 kepha okungcono kunalokho, nimthethelele, nimduduze, funa onjalo ahlulwe ngukudabuka okukhulu. 8 Ngalokho ngiyanincenga ukuba nimphathe ngothando; 9ngokuba ngaloba futhi ngenxa yalokho, ukuze ngokuhlolwa kwenu ngazi ukuba ningabalalelayo ezintweni zonke yini. 10 Kepha lowo enimthethelela utho, nami ngiyamthethelela ngokuba lokho esengikuthethelele, uma kukhona into engiyithetheleleyo, ngikuthethelela ngenxa yenu phambi kobuso bukaKristu, 11 ukuze singehlulwa nguSathane; ngokuba asisibo abangawazi amacebo akhe.
Uyabongeka uNkulunkulu onqobisa ngevangeli
12 Kepha mhla ngifika eTrowa ukuba ngishumayele ivangeli likaKristu, ngivulelwe umnyango eNkosini, 13 angibanga nakuthula emoyeni wami, ngokuba ngingamfumananga uThithu umzalwane wami, kodwa ngavalelisa kubo, ngaya eMakedoniya.
14 Kodwa makabongwe uNkulunkulu osihola njalo odwendweni lokunqoba kuKristu nobonakalisa ngathi iphunga lokwazi kwakhe ezindaweni zonke; 15 ngokuba siyiphunga elimnandi likaKristu kuNkulunkulu kubo abasindiswayo nakubo abalahlwayo, 16 kulaba siyiphunga lokufa kube ngukufa, kodwa kulabo siyiphunga lokuphila kube ngukuphila. Ngubani ongangalokho na? 17 Ngokuba asinjengabaningi abonakalisa izwi likaNkulunkulu ngenxa yenzuzo, kodwa njengabaqotho, njengabavela kuNkulunkulu sikhuluma phambi kukaNkulunkulu sikuKristu.

Okuqokiwe okwamanje:

2 kwabaseKorinte 2: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo