Ngonjalo ngizakuzibonga, kepha ngami uqobo angizukuzibonga, kuphela ngobuthakathaka bami. Ngokuba noma bengingathanda ukuzibonga, bengingezukuba yisiwula; ngokuba bengizakube ngikhuluma iqiniso, kepha ngiyayeka, funa umuntu acabange ngami okungaphezu kwalokho angibona ngiyikho nakuzwayo kimi. Ngalokho ukuze ngingaziphakamisi kakhulu ngobukhulu bezambulo, nganikwa iva enyameni, ingelosi kaSathane, ukuba ingimukule, ukuze ngingaziphakamisi kakhulu. Ngayo-ke nganxusa iNkosi kathathu ukuba isuke kimi. Yathi kimi: “Umusa wami ukwanele; ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni.” Ngakho kunalokho ngijabulela ukuzibonga ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami. Ngakho ngenamile ebuthakathakeni, nasekuphathweni kabi, nasekusweleni, nasekuzingelweni, nasekubandezekeni ngenxa kaKristu, ngokuba uma ngibuthakathaka, yikhona nginamandla.
Funda 2 kwabaseKorinte 12
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 2 kwabaseKorinte 12:5-10
7 Days
In the middle of crisis and uncertainty, many of us are itching to get back to normal. But what if it’s time to create a better normal instead? In this 7-day Bible Plan, we’ll discover how to stop seeking control and start seeking God.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo