2 iziKronike 18:28-34

2 iziKronike 18:28-34 ZUL59

Inkosi yakwa-Israyeli noJehoshafati inkosi yakwaJuda base bekhuphukela eRamoti Gileyadi. Inkosi yakwa-Israyeli yathi kuJehoshafati: “Ngiyakuziguqula, ngingene ekulweni, kepha wena wembathe izambatho zakho.” Yayisiziguqula inkosi yakwa-Israyeli, bangena ekulweni. Kepha inkosi yase-Aramu ibiyalile izinduna zezinqola zayo ngokuthi: “Ningalwi namuntu, omncane noma omkhulu, kuphela nenkosi yakwa-Israyeli yodwa.” Kwathi lapho izinduna zezinqola sezibonile uJehoshafati, zathi: “Yena uyinkosi yakwa-Israyeli;” zase ziphenduka ukuba zilwe nayo, kepha uJehoshafati wamemeza, uJehova wamsiza; uNkulunkulu wazimukisa kuye. Kwathi sezibonile izinduna zezinqola ukuthi yena akasiyo inkosi yakwa-Israyeli, zabuya ekumlandeleni. Kepha umuntu othile wansala umnsalo wakhe ngokungazeleli nje, wayihlaba inkosi yakwa-Israyeli enhlanganisweni yebhantshi lensimbi; yathi kumshayeli: “Phenduka, ungikhiphe empini, ngokuba ngikhutshaziwe.” Ukulwa kwaqina ngalolo suku; inkosi yakwa-Israyeli yasekelwa enqoleni yayo malungana nama-Aramu kwaze kwaba kusihlwa, yafa ngesikhathi sokushona kwelanga.