2 iziKronike 14:1-5

2 iziKronike 14:1-5 ZUL59

U-Abiya wayeselala koyise; bammbela emzini kaDavide; u-Asa indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe: emihleni yakhe izwe lazola iminyaka eyishumi. U-Asa wenza okuhle nokulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakhe. Wawasusa ama-altare abezizwe nezindawo eziphakemeyo, wazibhidliza izinsika, wabagawula o-Ashera,* wamtshela uJuda ukuba amfune uJehova uNkulunkulu wawoyise, awenze umthetho nemiyalo. Wasusa kuyo imizi yakwaJuda izindawo eziphakemeyo, nama-altare empepho; umbuso wazola phambi kwakhe.