Elokugcina-ke, bazalwane, siyaninxusa, siyaniyala ngeNkosi uJesu ukuba njengalokho nakwamukela kithi ukuthi nifanele ukuhamba nokumthokozisa kanjani uNkulunkulu, njengalokho nihamba kanjalo, manivame kakhulu kulokho. Ngokuba niyayazi imiyalo esaninika yona ngayo iNkosi uJesu. Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu, ukungcweliswa kwenu, ukuba nidede ebufebeni ukuba yilowo nalowo kini akwazi ukuhlala nomkakhe ngobungcwele nangokuhlonipha, kungabi ngokushisa kwenkanuko njengabezizwe abangamazi uNkulunkulu ukuba kungabikho noyedwa omonayo, aphambe umfowabo ngento, ngokuba iNkosi ingumphindiseli kukho konke lokho, njengokuba sanitshela phambili, saqinisa. Ngokuba uNkulunkulu kasibizelanga amanyala, kepha wasibizela ebungcweleni. Ngakho-ke owalayo akali umuntu, kepha wala uNkulunkulu, yena oninika uMoya wakhe oNgcwele.
Funda 1 kwabaseThesalonika 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 kwabaseThesalonika 4:1-8
4 Izinsuku
Lolu hlelo lokufunda lwezinsuku ezine lusibonisa uhambo olungenamkhawulo ezincwadini ezimbili zikaPawulu eziya kwabaseThesalonika. UPawulu usiyala ngokuphila okungcwele, esinikeza ithemba lokuthi uJesu uzobuya, usikhuthaza ukuba sibekezele naphezu kwezilingo, futhi usiqinisekisa ngobulungiswa nokunqoba kukaNkulunkulu.
10 Days
As a pastor, you spend a lot of time leading and encouraging others. The Bible has encouragement for you, too. This 10-day reading plan walks you through 10 practical ways to strengthen the health of your church by learning to rely fully on God. With short but powerful verses and a focused thought for each day, Growing a Healthy Church is a great boost for your daily prayer time.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo