Ngalokho nathi sibonga uNkulunkulu singaphezi, ngokuba, kuthe lapho namukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu kepha njengezwi likaNkulunkulu, njengokuba liyilo isibili, elona lisebenza futhi phakathi kwenu nina enikholwayo. Ngokuba nina bazalwane naba ngabalingisi bamabandla kaNkulunkulu aseJudiya akuKristu Jesu, ngokuba nani nahlushwa ngabesizwe sakini, njengalokho nawo ahlushwa ngabaJuda ababulala neNkosi uJesu nabaprofethi, basixosha nathi, bengamthokozisi uNkulunkulu, bemelana nabantu bonke, besivimbela ukukhuluma nabezizwe ukuba basindiswe, ukuze bagcwalise njalo izono zabo; kepha ulaka selufinyelele phezu kwabo ngokupheleleyo. Kepha thina, bazalwane, lokhu besahlukanisiwe nani isikhashana ngobuso kungenganhliziyo, kwaba yikhona sikhuthalela kakhulu ukubona ubuso benu ngokunxanela okukhulu. Ngakho besithanda ukuza kinina, mina Pawulu ngokwami kanye nakabili, kepha uSathane wasivimbela. Ngokuba liyini ithemba lethu, nokuthokoza, nomqhele wokuzibonga phambi kweNkosi yethu uJesu Kristu ekufikeni kwakhe, kungeyinina na? Ngokuba nina niludumo lwethu nokuthokoza kwethu.
Funda 1 kwabaseThesalonika 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 kwabaseThesalonika 2:13-20
4 Izinsuku
Lolu hlelo lokufunda lwezinsuku ezine lusibonisa uhambo olungenamkhawulo ezincwadini ezimbili zikaPawulu eziya kwabaseThesalonika. UPawulu usiyala ngokuphila okungcwele, esinikeza ithemba lokuthi uJesu uzobuya, usikhuthaza ukuba sibekezele naphezu kwezilingo, futhi usiqinisekisa ngobulungiswa nokunqoba kukaNkulunkulu.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo