1 uSamuweli 29

29
UDavide uxoshwa yizikhulu zamaFilisti
1 AmaFilisti abutha zonke izimpi zawo e-Afeki; abakwa-Israyeli bamisa ngasemthonjeni oseJizreyeli. 2Amakhosi amaFilisti adlula ngamakhulu nangezinkulungwane; uDavide nabantu bakhe badlula emuva kanye no-Akhishi. 3 Zase zithi izikhulu zamaFilisti: “Ayini lawa maHeberu na?”
U-Akhishi wathi kuzo izikhulu zamaFilisti: “Akusiye uDavide inceku kaSawule inkosi yakwa-Israyeli okade enami kulezi zinsuku nakule minyaka na? Angifumananga lutho kuye selokhu ahlubuka weza kimi kuze kube namuhla.”
4 Kepha izikhulu zamaFilisti zamthukuthelela; izikhulu zamaFilisti zathi kuye: “Buyisa lowo muntu ukuba abuyele endaweni yakhe ommise kuyo, angehleli nathi empini, funa abe yisitha sethu empini, ngokuba lona ubeyakuyigculisa ngani inkosi yakhe kungengamakhanda alawo madoda na?” 5 Lona akasiye uDavide ababehlabelela ngaye, besina bethi:
“USawule ubulele izinkulungwane zakhe,
kepha uDavide izinkulungwane zakhe eziyishumi na?”
6U-Akhishi wambiza uDavide, wathi kuye: “Kuphila kukaJehova, wena uqotho; ukuphuma kwakho nokungena kwakho nami empini kuhle emehlweni ami, ngokuba angifumananaga bubi kuwe kusukela osukwini lokufika kwakho kimi kuze kube namuhla; nokho emehlweni amakhosi awumuhle. 7Ngalokho buya, uhambe ngokuthula, ungenzi okubi emehlweni amakhosi amaFilisti.”
8UDavide wathi ku-Akhishi: “Kepha ngenzeni na? Ufumeneni encekwini yakho, kusukela osukwini engaba phambi kwakho ngalo kuze kube namuhla, ukuba ngingayi ukulwa nezitha zenkosi yami, inkosi, na?”
9U-Akhishi waphendula, wathi kuDavide: “Ngiyazi ukuthi umuhle emehlweni ami njengengelosi kaNkulunkulu, nokho izikhulu zamaFilisti zishilo ukuthi: ‘Akayikukhuphuka, aye nathi empini.’ 10Ngalokho vuka ekuseni kusasa kanye nezinceku zenkosi yakho ezifike nawe; senivukile ekuseni kusasa, sekukhanya, hambani.”
11UDavide wavuka ekuseni, yena nabantu bakhe, ukuba bahambe ekuseni, babuyele ezweni lamaFilisti. AmaFilisti enyukela eJizreyeli.

Okuqokiwe okwamanje:

1 uSamuweli 29: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo