1 uSamuweli 19

19
UDavide ukhulunyelwa kuSawule nguJonathani
1 USawule wakhuluma kuJonathani indodana yakhe nakuzo zonke izinceku zakhe ngokubulala uDavide. Kepha uJonathani indodana kaSawule wamenamela kakhulu uDavide. 2UJonathani wamtshela uDavide, wathi: “USawule ubaba ufuna ukukubulala; ngalokho ake uxwaye kusasa, uhlale esitha, ucashe; 3ngiyakuphuma ngime ngakubaba endle lapho ukhona, ngikhulume ngawe nobaba; uma ngibona okuthile, ngiyakukutshela.”
4UJonathani wakhuluma okuhle ngoDavide kuSawule uyise, wathi kuye: “Inkosi mayingayoni inceku yayo uDavide, ngokuba akakonanga, nemisebenzi yakhe kuwe ilungile kakhulu; 5 wabeka ukuphila kwakhe esandleni sakhe, wabulala umFilisti, uJehova wamenzela wonke u-Israyeli insindiso enkulu, wakubona wena, wathokoza; pho, uyakulonelani igazi elingenacala, umbulale uDavide engone lutho na?”
6USawule walilalela izwi likaJonathani; uSawule wafunga wathi: “Kuphila kukaJehova, akayikubulawa.”
7 UJonathani wambiza uDavide; uJonathani wamtshela konke lokho. UJonathani wamyisa uDavide kuSawule, waba khona ebusweni bakhe njengakuqala.
USawule uphinda azame ukumbulala uDavide.Ukubaleka kukaDavide.UDavide useRama
8Kwabuye kwaba khona impi futhi; uDavide waphuma walwa namaFilisti, wawaceka ngokuceka okukhulu; ambalekela.
9 Umoya omubi owavela kuJehova wamehlela uSawule ehlezi endlini yakhe, ephethe umkhonto esandleni sakhe; uDavide wayebetha ngesandla. 10USawule wafuna ukumbhujela uDavide ngomkhonto odongeni, kepha wanyelela ebusweni bukaSawule, wagwaza ngomkhonto odongeni; uDavide wabaleka, waphunyuka ngalobo busuku.
11 USawule wathuma izithunywa endlini kaDavide ukuba zimlinde, zimbulale ekuseni; uMikhali umkaDavide wamtshela wathi: “Uma ungasindisi ukuphila kwakho ngalobu busuku, uyakubulawa kusasa.” 12 UMikhali wamehlisa uDavide ngefasitele, wahamba, wabaleka, waphunyuka. 13UMikhali wathatha itherafi,* walibeka embhedeni, wabeka isicamelo soboya bezimbuzi ngasekhanda lalo, walembesa izingubo.
14Lapho uSawule esethuma izithunywa ukumthatha uDavide, wathi: “Uyagula.”
15USawule wathuma izithunywa ukumbona uDavide, ethi: “Mkhuphuleni kimi ngombhede ukuba ngimbulale.” 16Lapho izithunywa zingena, bheka, itherafi* lalisembhedeni, isicamelo soboya bezimbuzi singasekhanda lalo.
17USawule wathi kuMikhali: “Ungikhohliseleni kanje, uvumele isitha sami ukuba sihambe, siphunyuke, na?”
UMikhali wamphendula uSawule ngokuthi: “Wathi kimi: ‘Ngivumele ukuba ngihambe; ngiyakukubulalelani na?’ ”
18Wayesebaleka uDavide, waphunyuka, waya kuSamuweli eRama, wamtshela konke uSawule abekwenzile kuye. Yena noSamuweli baya bahlala eNayoti. 19Kwabikwa kuSawule, kwathiwa: “Bheka, uDavide useNayoti eRama.” 20 USawule wathuma izithunywa ukumthatha uDavide; lapho zibona iviyo labaprofethi beprofetha, uSamuweli emi engumholi wabo, uMoya kaNkulunkulu wazehlela izithunywa zikaSawule, nazo zaprofetha. 21Kwabikwa kuSawule; wathuma ezinye izithunywa; nazo zaprofetha. USawule wayesephinda wathuma izithunywa ngokwesithathu; nazo zaprofetha. 22Wayeseya naye eRama, wafika emthonjeni oseSeku, wabuza ukuthi: “Baphi oSamuweli noDavide na?”
Kwathiwa: “Bheka, baseNayoti eRama.”
23Wayeseya khona eNayoti eRama; uMoya kaNkulunkulu wehlela naphezu kwakhe, wahambahamba waprofetha, waze wafika eNayoti eRama. 24 Naye wakhumula izingubo zakhe, waprofetha naye phambi kukaSamuweli, walala phansi enqunu lonke lolo suku nabo bonke lobo busuku. Ngalokho kwathiwa: “Naye uSawule uphakathi kwabaprofethi na?”

Okuqokiwe okwamanje:

1 uSamuweli 19: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo