1 uSamuweli 17:38-40

1 uSamuweli 17:38-40 ZUL59

USawule wamembathisa ezakhe izingubo, wamfaka isigqoko sethusi ekhanda, wamgqokisa ibhantshi lensimbi. UDavide wabhinca inkemba yakhe phezu kwezambatho zakhe, wazama ukuhamba, ngokuba wayengakazilingi. UDavide wathi kuSawule: “Anginakuhamba nalezi, angikazilingi.” UDavide wayesezikhumula. Wathatha induku yakhe ngesandla, wazikhethela amatshe ayisihlanu abushelezi emfudlaneni, wawafaka esikhwameni somalusi ayenaso, eyikeni lakhe, indwayimana yakhe isesandleni sakhe; wayesesondela kumFilisti.