Kanjalo, bafazi, thobelani amadoda enu, ukuze kuthi, uma ekhona ongakholwa yizwi, azuzwe ngaphandle kwezwi ngenkambo yabafazi bawo, ebona inkambo yenu emhlophe esekwesabeni. Ukuhloba kwenu makungabi ngokungaphandle, okokwaluka izinwele, nokokufaka igolide, noma okokugqoka izingubo, kepha makube ngumuntu osithekileyo wenhliziyo ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu. Ngokuba kade babezihlobisa kanjalo abesifazane abangcwele abamethembayo uNkulunkulu, bethobela amadoda abo, njengalokho uSara wamlalela u-Abrahama embiza ngokuthi inkosi, eningabantwana bakhe, uma nenza okuhle, ningesatshiswa nokukodwa okwesabisayo.
Funda 1 kaPetru 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 kaPetru 3:1-6
5 Days
This Life.Church Bible Plan is a study of 1 Peter to accompany Pastor Craig Groeschel’s series, Different. In this world, you’ll have struggles. You’ll face opposition. You’ll be challenged. And there’s a reason for that: this world is not your home. So answer hate with love, find joy in the midst of trials, and rely on a strength beyond yourself. You’re meant to be … different .
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo