1 kaPetru 1:13-16

1 kaPetru 1:13-16 ZUL59

Ngalokho zibopheni izinkalo zengqondo yenu, nizithibe, nethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa ekwambulweni kukaJesu Kristu. Njengabantwana abalalelayo ningalingisi izinkanuko zakuqala ekungazini kwenu, kodwa njengowanibizayo engcwele, manibe ngcwele nani ekuhambeni konke, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Manibe ngcwele, ngokuba mina ngingcwele.”