EGibeyoni uJehova wabonakala kuSolomoni ngephupho ebusuku; uNkulunkulu wathi: “Cela lokhu othanda ukuba ngikunike khona.” USolomoni wathi: “Wenzele inceku yakho uDavide ubaba umusa omkhulu njengokuhamba kwakhe phambi kwakho ngeqiniso, nangokulunga, nangobuqotho benhliziyo kuwe, wamgcinela futhi lowo musa omkhulu, wamnika indodana ukuba ihlale esihlalweni sakhe sobukhosi, njengokuba kunjalo namuhla. “Manje, Jehova Nkulunkulu wami, ubekile inceku yakho inkosi esikhundleni sikaDavide ubaba; ngingumntwana omncane nje, angikwazi nokungena nokuphuma. Inceku yakho iphakathi kwabantu bakho obakhethileyo, isizwe esikhulu, esingenakubalwa, esingenakuthathwa umumo waso ngobuningi. Ngalokho yiphe inceku yakho inhliziyo elalelayo ukwahlulela abantu bakho ukuba ngahlukanise okuhle nokubi, ngokuba ngubani ongahlulela laba bantu bakho abakhulu kangaka na?” Leyo nkulumo yaba nhle emehlweni eNkosi ukuba uSolomoni wayecele leyo nto. Wathi uNkulunkulu kuye: “Ngokuba ucele leyo nto, ungazicelelanga izinsuku eziningi, ungazicelelanga namfuyo, ungacelanga futhi ukufa kwezitha zakho, uzicelele ukwahlukanisa lokho okuzwayo ekwahluleleni, bheka, ngenzile njengezwi lakho: nakhu, ngikunika inhliziyo enokuhlakanipha nokuqonda, okungazange kube khona okunjengakho ngaphambi kwakho nokungayikuvela futhi okunjengakho nangasemva kwakho.
Funda 1 AmaKhosi 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 AmaKhosi 3:5-12
5 Days
Many of us see wisdom as something more experienced people have. But, we really can have it no matter how long we’ve lived. This 5-day Plan will give you insight into what godly wisdom actually is and how to gain it.
24 Days
A great way to build your prayer life is to learn from the prayers of others. This plan lets us listen in on prayers from Bible heroes in different situations and for different purposes, and is designed to accompany the message series Pray by Craig Groeschel. (You can watch it online at life.church) Don't pray alone; study this content together with your small group.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo