1 AmaKhosi 19:11-19

1 AmaKhosi 19:11-19 ZUL59

Wathi: “Phuma, ume entabeni phambi kukaJehova.” Bheka, uJehova wadlula, umoya omkhulu onamandla wadabula izintaba, waphahlaza amadwala phambi kukaJehova; kepha uJehova wayengekho emoyeni; emva komoya kwazamazama umhlaba; kepha uJehova wayengekho ekuzamazameni komhlaba; emva kokuzamazama komhlaba ngumlilo; kepha uJehova wayengekho emlilweni; emva komlilo yizwi elincane elihashazayo. U-Eliya esezwile lokho wagubuzela ubuso bakhe ngengubo yakhe, waphuma, wema emnyango womhume. Bheka, kwafika kuye izwi, lathi: “Wenzani lapha, Eliya, na?” Wathi: “Ngishisekele nokushisekela uJehova uNkulunkulu Sebawoti, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli balahlile isivumelwano sakho, badilizile ama-altare akho, babulele abaprofethi bakho ngenkemba, kusele mina ngedwa; sebefuna umphefumulo wami ukuba bawususe.” Wayesethi uJehova kuye: “Hamba, ubuye ngendlela yakho, uye ehlane laseDamaseku; usufikile khona uyakumgcoba uHazayeli abe yinkosi yase-Aramu; uyakumgcoba uJehu indodana kaNimishi abe yinkosi kwa-Israyeli, umgcobe u-Elisha indodana kaShafati wase-Abela Mehola abe ngumprofethi esikhundleni sakho. Kuyakuthi obalekela inkemba kaHazayeli abulawe nguJehu; obalekela inkemba kaJehu uyakubulawa ngu-Elisha. Kepha ngiyakushiya kwa-Israyeli izinkulungwane eziyisikhombisa, onke amadolo anganguqanga kuBali nayo yonke imilomo engamanganga.” Wayesesuka lapho, wamfumana u-Elisha indodana kaShafati; wayelima ngezinkabi ezingamabhangqa ayishumi nambili phambi kwakhe, yena esebhangqeni leshumi nambili; u-Eliya wadlulela kuye, waphonsa ingubo yakhe kuye.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 AmaKhosi 19:11-19