1 AmaKhosi 18:20-21

1 AmaKhosi 18:20-21 ZUL59

U-Ahabi wayesethumela kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli, wabutha abaprofethi entabeni yaseKarmeli. U-Eliya wasondela kubo bonke abantu, wathi: “Koze kube nini nimanqikanqika phakathi kwezinhlangothi ezimbili na? Uma uJehova enguNkulunkulu, mlandeleni yena, kepha uma kunguBali, mlandeleni yena.” Kodwa abantu kabamphendulanga ngazwi.