1 kaJohane 4:7-12

1 kaJohane 4:7-12 ZUL59

Bathandekayo, masithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu, nabo bonke abathandayo bazelwe nguNkulunkulu, bayamazi uNkulunkulu. Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu uluthando. Uthando lukaNkulunkulu lwabonakaliswa kithi ngalokho ukuthi uNkulunkulu wathumela ezweni iNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba siphile ngayo. Uthando lukulokhu, kungesikho ukuthi thina samthanda uNkulunkulu, kepha ukuthi yena wasithanda thina, wathuma iNdodana yakhe ibe yinhlawulo ngezono zethu. Bathandekayo, uma uNkulunkulu wasithanda kanjalo, nathi simelwe ukuthandana. UNkulunkulu akazange abonwe muntu; uma sithandana, uNkulunkulu uhlala kithi, nothando lwakhe luphelele kithi.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 kaJohane 4:7-12

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo