1 kaJohane 3

3
Uphawu lwabantwana bakaNkulunkulu
1 Bhekani uthando olungaka asinike lona uBaba lokuba sithiwe singabantwana bakaNkulunkulu; futhi siyibo. Ngalokho izwe alisazi, ngokuba alimazanga yena. 2 Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kepha akukabonakali esiyakuba yikho. Siyazi ukuthi, nxa ebonakaliswa, siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo. 3 Bonke abanalo lelo themba kuye bayazihlambulula, njengokuba yena ehlambulukile.
4 Bonke abenza isono bayeqa nomthetho, ngokuba isono singukweqa umthetho. 5 Senazi ukuthi yena wabonakaliswa, ukuze asuse izono; akukho sono kuye. 6 Lowo ohlala kuye akoni; lowo owonayo akambonanga, futhi akamazi.
7 Bantwanyana, maningadukiswa muntu; owenza ukulunga ulungile, njengokuba yena elungile; 8 owenza isono ungokaSathane, ngokuba uSathane uyona kwasekuqaleni. INdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa ngalokhu, ukuze ichithe imisebenzi kaSathane. 9 Lowo ozelwe nguNkulunkulu akenzi isono, ngokuba imbewu yakhe ihlala kuye; futhi akanakona, ngokuba uzelwe nguNkulunkulu. 10 Ngalokho kubonakala abantwana bakaNkulunkulu nabantwana bakaSathane; lowo ongenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, naye ongamthandi umzalwane wakhe.
11 Nanti izwi enalizwayo kwasekuqaleni lokuba sithandane, 12 kungabi njengoKayini owaba ngowomubi, wabulala umfowabo; wambulalelani na? Ngokuba imisebenzi yakhe yayimibi, kepha eyomfowabo yayilungile.
Uthando lwabazalwane
13 Ningamangali, bazalwane, uma izwe linizonda. 14 Siyazi ukuthi sidlulile ekufeni, sangena ekuphileni, ngokuba sithanda abazalwane; ongathandiyo uhlezi ekufeni. 15 Lowo ozonda umzalwane wakhe ungumbulali; niyazi ukuthi akukho mbulali onokuphila okuphakade okuhlezi kuye.
16 Uthando silwazi ngalokho ukuthi yena wabeka ukuphila kwakhe ngenxa yethu; nathi sifanele ukubeka ukuphila ngenxa yabazalwane. 17 Kepha yena onemfuyo yezwe, ebona umzalwane wakhe eswele, amvalele isihawu sakhe, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na? 18Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi, kodwa ngezenzo nangeqiniso.
Ukuba nesibindi phambi kukaNkulunkulu
19Ngalokho siyazi ukuthi singabeqiniso; sizakuyithulisa inhliziyo yethu phambi kwakhe 20 ngokuthi uma inhliziyo yethu isilahla, uNkulunkulu mkhulu kunenhliziyo yethu, futhi uyazi konke.
21 Bathandekayo, uma inhliziyo ingasilahli, sinesibindi kuNkulunkulu, 22 nesikucelayo siyakukwamukeliswa nguye, ngokuba sigcina imiyalo yakhe, senza okuthandekayo ebusweni bakhe. 23 Yilo umyalo wakhe ukuba sikholwe egameni leNdodana yakhe uJesu Kristu, sithandane, njengokuba asinika umyalo. 24 Ogcina imiyalo yakhe uhlala kuye, naye uqobo uhlala kuye; siyazi ngalokho ukuthi uhlala kithi ngaye uMoya asinike yena.

Okuqokiwe okwamanje:

1 kaJohane 3: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo