1 kwabaseKorinte 9:23-25

1 kwabaseKorinte 9:23-25 ZUL59

Ngikwenza konke ngenxa yevangeli, ukuze nami ngibe ngumhlanganyeli kulona. Anazi yini ukuthi abagijima ngokuncintisana bagijima bonke, kepha munye owamukela umklomelo? Gijimani kanjalo, ukuze niwuthole. Bonke abancintisanayo bayazithiba ezintweni zonke; labo benza ukuze bathole umqhele ophelayo, kepha thina ukuze sithole ongapheliyo.