1 kwabaseKorinte 14

14
Isiphiwo sokuprofetha sidlula esokukhuluma ngezilimi
1 Jongani uthando, futhi nizondelele iziphiwo zomoya, ikakhulu ukuba niprofethe. 2 Ngokuba okhuluma ngezilimi kakhulumi kubantu, kepha ukhuluma kuNkulunkulu; ngokuba kakho ozwayo, ukhuluma izimfihlakalo ngomoya. 3 Kepha oprofethayo ukhuluma kubantu kube ngukwakha, nokududuza, nokuqunga isibindi. 4Okhuluma ngezilimi uyazakha yena, kepha oprofethayo wakha ibandla. 5Nokho bengithanda ukuba nikhulume ngezilimi nonke, kepha kakhulu ukuba niprofethe; mkhulu kodwa oprofethayo kunokhuluma ngezilimi, uma engahumushi, ukuze ibandla lakheke.
6Manje-ke, bazalwane, uma ngiza kini ngikhuluma ngezilimi, ngiyakunisiza ngani, uma ngingakhulumi kini noma ngokwambula, noma ngokwazi, noma ngokuprofetha, noma ngokufundisa na? 7Nezinto ezingenamphefumulo ezikhalayo, noma igenkle noma ihabhu*, uma zingakhali ngokwahlukeneyo, kuzakwaziwa kanjani okubethwa ngegenkle nangehabhu na? 8 Ngokuba uma icilongo likhala ngezwi elingaqondakaliyo, ngubani oyakuzilungiselela ukulwa na? 9Kanjalo nani, uma ningakhiphi izwi elichachileyo ngolimi, kuzakwaziwa kanjani okukhulunywayo na? Ngokuba niyakube nikhuluma emoyeni. 10Kukhona izinhlobo noma zingahle zibe zingaki zokukhuluma ezweni, kepha alukho olungasho okuthile. 11Ngakho-ke uma ngingakwazi okuqondiwe ngokukhulunywayo ngiyakuba ngowezizwe nje kokhulumayo, nokhulumayo abe ngowezizwe kimi. 12Ngokunjalo nani, lokhu nishisekele iziphiwo zomoya, funani ukuba nibe nazo kakhulu, ukuze kwakheke ibandla.
13Ngakho-ke okhulumayo ngezilimi akhulekele ukuba akuhumushe. 14Ngokuba uma ngikhuleka ngezilimi, kukhuleka umoya wami, kepha ingqondo yami ayinasithelo. 15 Kunjani pho? Ngizakukhuleka ngomoya, ngikhuleke nangengqondo futhi; ngizakuhuba ngomoya, ngihube nangengqondo futhi. 16Uma kungenjalo, nxa ubonga ngomoya, lowo osesikhundleni sabangafundile angasho kanjani ukuthi Amen ekubongeni kwakho na, lokhu engakwazi okushoyo? 17Ngokuba nempela ubonga kahle wena, kepha lowo omunye akakhiwa.
18Ngibonga uNkulunkulu ngokuba ngikhuluma ngezilimi kakhulu kunani nonke; 19kodwa ebandleni ngingathanda ukukhuluma amazwi ayisihlanu ngengqondo yami, ukuze ngifundise abanye, kunamazwi ayizinkulungwane eziyishumi ngezilimi.
20 Bazalwane, ningabi ngabantwana ngengqondo, kanti ebubini nibe yizingane, kepha engqondweni nibe ngabakhulileyo. 21 Emthethweni kulotshiwe ukuthi:
“Ngabantu bezinye izilimi,
nangezindebe zabezinye izizwe
ngiyakukhuluma kulesi sizwe;
kepha noma kunjalo abayikungizwa,” kusho iNkosi.
22Njalo-ke izilimi ziyisibonakaliso kwabangakholwayo, kungesikho kwabakholwayo; kepha ukuprofetha kuyisibonakaliso kwabakholwayo, kungesikho kwabangakholwayo. 23 Ngakho-ke uma ibandla lonke libuthene ndawonye, bonke bakhulume ngezilimi, bese kungena abangafundile noma abangakholwayo, abazukuthi niyahlanya na? 24Kepha uma bonke beprofetha, kungene ongakholwayo noma ongafundile, uzakuhlatshwa yibo bonke, ahlulelwe yibo bonke; 25 okufihliweyo kwenhliziyo yakhe kuyadalulwa; njalo uyakuwa ngobuso, akhuleke kuNkulunkulu, aqinise athi: “Impela uNkulunkulu ukhona phakathi kwenu.”
Indlela yokukhonza kwebandla
26 Kunjani, pho, bazalwane? Uma nibuthana, yilowo nalowo uba nehubo, noma isifundiso, noma ukwambula, noma izilimi, noma ukuhumusha. Konke akwenzelwe ukwakhiwa kwebandla. 27Uma-ke umuntu ekhuluma ngezilimi, akube ngababili, bangadluli kwabathathu, badedelane, omunye ahumushe; 28kepha uma kungekho ohumushayo, kathule ebandleni, azikhulumele yena yedwa nakuNkulunkulu.
29 Abaprofethi-ke, kukhulume ababili noma babe bathathu, abanye bakuhlole. 30Kepha uma kwambulwa utho komunye ohlezi khona, kathule owokuqala. 31Ngokuba ningaprofetha nonke abanye ngabanye, ukuze bafunde bonke, balulekwe bonke; 32imimoya yabaprofethi ithobela abaprofethi; 33 ngokuba uNkulunkulu kasiye owesiyaluyalu kepha ngowokuthula. Njengokuba kunjalo emabandleni onke abangcwele, 34 abesifazane mabathule emabandleni; ngokuba kabavunyelwe ukuba bakhulume, kepha mabazithobe, njengokuba usho njalo nomthetho. 35 Uma-ke bethanda ukufunda utho, mababuze emadodeni abo emakhaya; ngokuba kuyihlazo ukuba owesifazane akhulume ebandleni.
36Konje izwi likaNkulunkulu laphuma kinina na? Nokuba lafika kinina nodwa na? 37 Uma umuntu ethi ungumprofethi, noma ethi ungowomoya, makaqonde ukuthi lokhu enginilobela khona kungumyalo weNkosi. 38Kepha uma umuntu engazi, makahlale engazi.
39Ngakho-ke, bazalwane bami, zondelelani ukuprofetha, ningakuvimbeli ukukhuluma ngezilimi. 40 Kepha konke makwenziwe ngemfanelo nangenhlelo.

Okuqokiwe okwamanje:

1 kwabaseKorinte 14: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo