Indodana kaSolomoni yayinguRehobowamu; ngu-Abiya indodana yakhe; ngu-Asa indodana yakhe; nguJehoshafati indodana yakhe; nguJoramu indodana yakhe; ngu-Ahaziya indodana yakhe; nguJowashi indodana yakhe; ngu-Amasiya indodana yakhe; ngu-Azariya indodana yakhe; nguJothamu indodana yakhe; ngu-Ahazi indodana yakhe; nguHezekiya indodana yakhe; nguManase indodana yakhe; ngu-Amoni indodana yakhe; nguJosiya indodana yakhe. Amadodana kaJosiya: izibulo nguJohanani; owesibili nguJehoyakimi; owesithathu nguSedekiya; owesine nguShalumi. Amadodana kaJehoyakimi: nguJekoniya indodana yakhe noSedekiya indodana yakhe.
Amadodana kaJekoniya umthunjwa: ngoSheyalitiyeli indodana yakhe, noMalikiramu, noPhedaya, noShenasari, noJekamiya, noHoshama, noNedabiya. Amadodana kaPhedaya: ngoZerubabele noShimeyi; amadodana kaZerubabele: ngoMeshulamu noHananiya uShelomiti wayengudadewabo noHashuba, no-Oheli, noBerekiya, noHasadiya, noJushabi Hesedi, beyisihlanu. Amadodana kaHananiya: ngoPhelathiya, noJeshaya, namadodana kaRefaya, namadodana ka-Arinani, namadodana ka-Obadiya, namadodana kaShekaniya. Amadodana kaShekaniya: nguShemaya; amadodana kaShemaya: ngoHathushi, no-Igali, noBariya, noNehariya, noShafati, beyisithupha. Amadodana kaNehariya: ngo-Eliyohenayi, noHezekiya, no-Azirikamu, bebathathu. Amadodana ka-Eliyohenayi: ngoHodaviya, no-Eliyashibi, noPhelaya, no-Akubi, noJohanani, noDelaya, no-Anani, beyisikhombisa.