1 iziKronike 20

20
Ukuvinjezelwa kweRaba. Ukulwa namaFilisti
1 Emva komnyaka ngesikhathi sokuhlasela kwamakhosi, uJowabe wahola amaqhawe empi, wachitha izwe labantwana bakwa-Amoni, weza wavimbezela iRaba; kepha uDavide wahlala eJerusalema. UJowabe walinqoba iRaba, walidiliza. 2UDavide wathatha umqhele wenkosi yabo ekhanda layo, wafumana isisindo sawo ukuthi sasiyitalenta* legolide, itshe eliyigugu likuwo; wabekwa ekhanda likaDavide; wakhipha emzini impango eningi kakhulu. 3Wakhipha nabantu ababe phakathi kwawo, wabanquma ngamasaha, nangezibhuqo zensimbi, nangamazembe; wenze njalo uDavide kuyo yonke imizi yabantwana bakwa-Amoni. UDavide nabo bonke abantu babuyela eJerusalema.
4 Emva kwalokho kwavuka impi namaFilisti eGezeri; khona uSibekayi, umHushati, wabulala uSiphayi wamadodana amaRefa; anqotshwa.
5 Kwabuye kwaba khona impi namaFilisti; u-Elihanani, indodana kaJayire, wabulala uLahimi umfowabo kaGoliyati, umGiti, oluthi lomkhonto wakhe lwalunjengogongolo lomaluki.
6 Kwabuye kwaba khona impi eGati, lapho kwakukhona umuntu omude; iminwe yakhe nezinzwani zakhe kwakungamashumi amabili nane, isithupha esandleni sisinye, nesithupha onyaweni lulunye; naye wazalwa yiRefa. 7Wameyisa u-Israyeli; ngalokho uJonathani indodana kaShimeya umfowabo kaDavide wambulala.
8 Labo bazalwa ngamaRefa eGati, bawa ngesandla sikaDavide nangesandla sezinceku zakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

1 iziKronike 20: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo