Hlabelelani kuJehova, mhlaba wonke, nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla. Landani inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe, izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke. Ngokuba mkhulu uJehova, udumisekile kakhulu; uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu. Ngokuba bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe, kepha uJehova walenza izulu. Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe; amandla nokuthokoza kusendaweni yakhe. Mnikeni uJehova nina mindeni yabantu, mnikeni uJehova inkazimulo namandla. Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe, nilethe umnikelo, nize phambi kwakhe, nikhuleke kuJehova ngobuhle bobungcwele. Thuthumelani ebusweni bakhe, mhlaba wonke; izwe lihlala liqinile, alinakushukunyiswa. Malijabule izulu, umhlaba uthokoze; makuthiwe ezizweni: UJehova uyinkosi. Maluhlokome ulwandle nokugcwala kwalo, amasimu ename nakho konke okukuwo. Khona imithi yehlathi iyakuhuba ngokujabula ebusweni bukaJehova, ngokuba uyeza ukwahlulela umhlaba. Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
Funda 1 iziKronike 16
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 iziKronike 16:23-34
10 Days
With so many responsibilities and distractions vying for our attention, we often end up in unhealthy cycles of rest. We strive and strain against God’s intent for our lives and burn ourselves out. This 10-day reading plan will introduce you to spiritual pathways that will help position you to receive from the Lord and experience communion and intimacy with him—and true soul rest.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo