1
NgokukaMathewu 18:20
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
Ngokuba lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.”
Qhathanisa
Hlola NgokukaMathewu 18:20
2
NgokukaMathewu 18:19
“Futhi ngiqinisile ngithi kini: Uma ababili kini emhlabeni bevumelana noma ngaluphi udaba abalucelayo, bayakulwenzelwa nguBaba osezulwini.
Hlola NgokukaMathewu 18:19
3
NgokukaMathewu 18:2-3
Wayesebiza umntwana, wammisa phakathi kwabo, wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ningaphenduki, nibe njengabantwana, anisoze nangena embusweni wezulu.
Hlola NgokukaMathewu 18:2-3
4
NgokukaMathewu 18:4
Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuzithoba njengalo mntwana nguyena omkhulu embusweni wezulu.
Hlola NgokukaMathewu 18:4
5
NgokukaMathewu 18:5
Nalowo oyakwamukela umntwana onje abe munye ngegama lami uyangamukela mina.
Hlola NgokukaMathewu 18:5
6
NgokukaMathewu 18:18
“Ngiqinisile ngithi kini: Konke eniyakukubopha emhlabeni koba kuboshiwe ezulwini, nakho konke eniyakukukhulula emhlabeni koba kukhululiwe ezulwini.
Hlola NgokukaMathewu 18:18
7
NgokukaMathewu 18:35
“Kanjalo naye uBaba osezulwini uyakwenza kini, uma ningathetheleli ngezinhliziyo zenu kube yilowo nalowo umfowabo.”
Hlola NgokukaMathewu 18:35
8
NgokukaMathewu 18:6
Kodwa okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwa yimi, kungcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, azikiswe ekujuleni kolwandle.
Hlola NgokukaMathewu 18:6
9
NgokukaMathewu 18:12
“Nithini na? Uma umuntu enezimvu eziyikhulu, kuduke enye kuzo, akazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ezintabeni, ahambe ayofuna edukileyo, na?
Hlola NgokukaMathewu 18:12
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo