Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseRoma 5:4

Ukufunda Ukuthandwa
izinsuku ezingu 3
Ngokusekelwe encwadini entsha ethi “Ukufunda Ukuthandwa,” lolu hlelo lwezinsuku ezintathu luzokusiza ufunde ukuthi ungasuka kanjani ekwazini ngothando lukaNkulunkulu ukuze uluzwe enhliziyweni yakho. Ngezinyathelo ezingokoqobo nokuzindla ngokwethembeka, ababhali uDavid Bowden noMart Green bazokufundisa ukwamukela iqiniso lokuthi uNkulunkulu wakuthanda kuqala. Vuleleka othandweni olujulile, olungenamibandela uNkulunkulu analo ngawe. Qala namuhla ufunde ukuthi kusho ukuthini ukuthandwa ngokweqiniso.

Ukudlula Ezikhathini Ezinzima
Izinsuku eziwu 4
Ukubhekana nezimo ezilukhuni ezimpilweni zethu yinto esingasoze sayibalekela. Nokho kuloluHlelo olufushane lwezinsuku ezi-4, sizokhuthazeka ngokwazi ukuthi asisodwa, ukuthi uNkulunkulu unecebo ngobuhlungu esidlula kubo, nokuthi uzobusebenzisela okulicebo lakhe elikhulu.

UNkulunkulu Muhle Kakhulu
izinsuku ezingu 5
Kungakhathalekile ukuthi yiziphi izimo obhekana nazo, kunamandla nokuthula okutholakala kuwe. Zitholele kabusha ubuhle bukaNkulunkulu kulokhu kuzinikela kwezinsuku ezingu-5 okuvela ku-Life.Church Worship, okusekelwe ku-albhamu entsha, ethi uNkulunkulu emuhle kakhulu.

Ithemba InguMuntu
izinsuku ezingu 5
Lapho isimo sethu esijwayelekile sihlakazeka ngenxa yezehlakalo ezishintsha ukuphila ngokuvamile sisala nokwesaba, ukukhathazeka, ukudabuka kwenhliziyo, kanye nokudumala, ekugcineni kusiholela ekuphelelweni yithemba. Amathemba ethu namaphupho ethu afiphazwa iqiniso elinzima lempilo. Kodwa ithemba akulona nje isifiso esidlulayo, Ithemba liwuMuntu!

Umfundi Wasekhaya Ongalindelekile
izinsuku ezingu 5
Cishe awukaze uphuphe ukuthi uzoba kule ndawo lapho kufanele wenze izinqumo ezinzima kangaka ngemfundo yezingane zakho. Kodwa nakhu ukulesi sikhathi esingakaze sibe khona, ucabangela imfundo yasekhaya. Lolu hlelo oluvela kumama wesikole sasekhaya, uRobin Meadows, lubhalelwe ukuphendula eminye yemibuzo yakho, ukuthobisa ukwesaba kwakho okuningi, futhi likukhuthaze ukuthi ngoJesu noma yini ingenzeka!

Ukholo olumangazayo
izinsuku ezingu 5
Kunento engaphakathi kuwe ekholelwa kokungenakwenzeka. Kukhona okuphuphayo emini ngesimangaliso. Kukhona okwaziyo ukuthi wenziwe ukuphila impilo yokukholwa okumangalisayo. Kule nkonzo yezinsuku ezinhlanu, uMfundisi uMichael Todd uzoba umhlahlandlela wakho ohambweni lokholo njengoba ekusiza ukuthi uthole umbono omusha ngezinhlelo zikaNkulunkulu ngawe: ikusasa obungakaze ulokothe ulicabange.

Ugxiliswe Ethembeni: Ukufundwa KweTestamente Elisha
izinsuku ezingu 5
Sivame ukuthembela ezweni elisizungezile—ukukhushulwa esikhundleni, ubuhlobo obungcono, umkhndeni oqinile, nokweluleka kwabagulayo. Kodwa ukuthembela emiphumeleni yasemhlabeni kuphela kuyosehlula. IBhayibheli lithi siyobhekana nokulahlekelwa nokudumala emhlabeni, kodwa sigcinwe othandweni lukaNkulunkulu lwaphakade. Kulolu hlelo, uzofunda ngokunakekela kukaNkulunkulu futhi ubone ukuthi ithemba likamoya lingawaletha kanjani amandla phakathi kwezivunguvungu zempilo.

Ukuphila Kushintshile: Njengomama Oyedwana
Izinsuku ezi-6
Umsebenzi kamama ongayedwana unzima futhi ngezinye izikhathi unesizungu, kodwa futhi uyindima ebaluleke kakhulu oyoke uyidlale. Iqiniso liwukuthi, uNkulunkulu ukukhethile futhi wakuhlomisela ukuba uhole umndeni wakho. Kulolu hlelo lwezinsuku eziyisithupha, uzothola izinsiza kanye nemibhalo ukuze uphiliswe ngesikhathini esedlule, ukhuthazwe esikhathini samanje, futhi uthole ithemba ngekusasa lakho.

Isimilo Sokuziqeqesha
Izinsuku ezi-6
Usukulungele? Ulungele noma yini? Uma ufuna ukulungela inkululeko eyengeziwe, ukwethenjwa okwengeziwe, nokuzimela okwengeziwe, kufanele uzilolonge. Ngizilolongele ini, uyabuza? Zijwayeze ukuphila nesimilo sokuhlonipha uNkulunkulu! Lolu Hlelo LweBhayibheli lwezinsuku eziyisithupha olunamavidyo kliphu avela ku-Loop Show luzokusiza ukuba uzijwayeze izici ezifana nokwethembeka, ukuthobeka, ukucasuka—isimilo sokuhlonipha uNkulunkulu—ukuze ulungele noma yini.

Isimo sengqondo
Izinsuku ezingu-7
Ukuba nesimo sengqondo esilungile kuzo zonke izimo kuyinselela yangempela. Loluhlelo lwezinsuku eziyisi khombisa luzokunika umbono weBhayibheli, ngendinyana emfushane yosuku ngalunye. Funda indinyana, uthathe isikhathi uzihlolisise ngeqiniso, bese uvumela uNkulunkulu ukuthi akhulume nesimo sakho. Ukuthola okunye, bheka i finds.life.churh

Okungaphezu Kwemvelo Nsuku Zonke
Izinsuku ezingu-7
Okungaphezu kwemvelo kosuku nosuku kuhlola ukuthi impilo enikwe amandla kaMoya ibukeka kanjani kuwo wonke umKristu. uNkulunkulu wayehlose ukuthi ngamunye wethu athembele kuMoya oNgcwele futhi asebenzise izipho ezingaphezu kwemvelo njengamathuluzi ansuku zonke. Ukwethembela kuMoya oNgcwele akuyona into eyinqaba, egcwele ukuxokozela, noma into ethile kuphela ezingxenyeni ezithile zeBandla. Eyanoma ubani ofuna ukwazi uNkulunkulu ngokugcwele.

Ukubaluleka Kwesidlule kukho: Umhlahlandlela Wabasindile
Izinsuku ezingu-7
Siphilela uNkulunkulu ongenamahloni ngokuthi singobani, noma izinto esidlule kuzo. Kunezimo ezingakwenza uzizwe ngaleyo ndlela. Ngakho-ke, noma ngabe uhlukunyezwe ngokocansi, ngokomzimba, emoyeni, noma ngokwengqondo lokhu kufunda kungokwakho. Nganukubezwa iminyaka engu-10. kodwa ngathola ukuphulukiswa! Ngifuna ukukusiza wenze okufanayo.

Ungayeki
Izinsuku ezingu-7
Wake wakhathala noma wehlulwe kakhulu empilweni waze wafuna ukuphonsa ithawula futhi ulahle ithemba? Ibhayibheli ligcwele isikhuthazo sokukhuthazela nokuqhubeka! Lolu hlelo lokufunda lwezinsuku eziyi-7 luzokuvuselela ohambweni oluzayo.

Imizwa
Izinsuku ezingu-7
Iningi lethu lizama ukugwema noma ukungayinaki imizwa yethu. Singaze sizibuze ukuthi ukholo nemizwa yethu kuyizitha yini. Kodwa ngesikhathi esemhlabeni, uJesu wezwa imizwa ejulile. Akazange abe kude nathi. Unathi—ngisho nasemizweni yethu. Kulolu Hlelo LweBhayibheli Lwezinsuku Eziyisi-7 oluhambisana nochungechunge lukaMfundisi Craig Groeschel, Emotions, sizobheka ukuthi uJesu waphila kanjani ukuze sithole ukuthi imizwa yethu ingakhulisa kanjani ukholo lwethu.

Ukwenza Okujwayelekile Kubengcono
Izinsuku ezingu-7
Phakathi nenhlekelele nokungaqiniseki, abaningi bethu balangazelela ukubuyela esimeni esijwayelekile. Kodwa kuthiwani uma kuyisikhathi sokudala okujwayelekile kangcono kunalokho? Kulolu Hlelo LweBhayibheli Lwezinsuku Ezingu-7, sizothola ukuthi singayeka kanjani ukufuna ukulawula futhi siqale ukufuna uNkulunkulu.

Eduze Kwabaphuke Inhliziyo: Indlela KaNkulunkulu Yokuphulukisa Ekudabukeni Kwenhliziyo
Izinsuku ezingu-7
Kungakhathaliseki ukuthi ulahlekelwe ubungani, iphupho eliphukile, noma ukwehlukana-ukuzwa ubuhlungu benhliziyo kungase kudide futhi kube inselelo. Kulolu Hlelo LweBhayibheli Lwezinsuku Ezingu-7, uzofunda ukuthi ungayithambekela kanjani inhliziyo yakho eyaphukile ngendlela kaNkulunkulu.

Injabulo Yohambo: Ukuthola Ithemba Phakathi Kwezilingo
Izinsuku ezingu-7
Singase singakuboni noma sikuzwe njalo, kodwa uNkulunkulu uhlala enathi... ngisho nalapho sibhekene nobunzima. Kulolu hlelo, Umxhumanisi Wokuthola Ithemba u-Amy LaRue ubhala ngokusuka enhliziyweni mayelana nomshikashika womndeni wakhe wokuba umlutha nokuthi injabulo kaNkulunkulu yagqashuka kanjani ngezikhathi zabo zobumnyama.

Ukukhuleka njengo Jesu
Izinsuku ezingu-7
Ingabe usukulungele ukujulisa impilo yakho yomkhuleko, kodwa awunasiqiniseko ukuthi ungaqala kanjani? Ake sibhekisise iziyalezo uJesu asinika zona mayelana nendlela yokuthandaza kuMathewu 6. Funda ukuthi ungakhuleka kanjani njengoJesu kulolu hlelo lweBhayibheli lwezinsuku ezingu-7 oluvela kuMfundisi u-Amy Groeschel.

Iseluleko Sobudlelwane Kwabesilisa
izinsuku ezingu-8
Kuthiwani uma singakalwa ngezinto esizifezile, kodwa sinikwa amandla ubudlelwane bethu? Ngezindaba eziqabulayo, umbhali uRoger Thompson wembula uhlobo lobudlelwane bamandla obusetshenziswa ekulolongeni indoda. Qala lolu hlelo lweBhayibheli lwe-Life.Church nabanye abangani namuhla.

Ukukhulisa Ubuholi ngokuhlakanipha kweBhayibheli
Izinsuku ezingu-8
Ukukhulisa ubuholi bethu kubalulekile namuhla. Kumele sandise, siqhakambise, sengeze futhi sikhulise ukuhlakanipha kobuholi bethu ukuqondisa indawo yethu eguquguqukayo. Ubuchwepheshe obuguquka ngokushesha, ukushintsha umsebenzi/imithelela yenqubo yeqembu, futhi nokushintsha kwezomnotho kungezinye izinkinga esihlangabezana nazo. Kepha ungacabangi ukuthi ukukhulisa ubuholi bethu kwenzelwa nje indawo yemsebenzi. Kumele sikhulise ukuqondisa amakhaya ethu futhi nasebudlelwaneni bethu. Jula namuhla ukuzuza ulwazi olufanelekile lokuhola.

Ukuthola Iqiniso LikaNkulunkulu Ezivunguvungwini Zokuphila
Izinsuku eziwu 10
NjengamaKristu, asigonyiwe ezinkingeni zaleli zwe. Eqinisweni, uJohane 16:33 uthembisa ukuthi ziyofika. Uma ubhekene nezivunguvungu zempilo njengamanje, lesi sifundo singesakho. Kuyisikhumbuzo sethemba elisidlulisa ezivunguvungwini zokuphila. Futhi uma ungabhekene nanoma yiziphi izinkinga ngalesi sikhathi, kuzokunikeza isisekelo esizokusiza ezivivinyweni ezizayo.

Lapho Ukholo Lwehluleka: Izinsuku Eziyi-10 Zokuthola Unkulunkulu Ethunzini Lokungabaza
Izinsuku eziwu 10
Ukulwa nokholo kanye nokungabaza kungaba nomzwangedwa futhi uziqhelanise. Abanye bahlupheka bethule kuyilapho abanye belahla inkolelo ngokuphelele, becabanga ukuthi ukungabaza akuhambisani nokholo. U-Dominic Done ukholelwa ukuthi lokhu kuyinhlekelele futhi kuyiphutha elijulile. Usebenzisa imiBhalo nezincwadi ukuze aphikise ngokuthi akukhona nje kuphela ukuthi ukungabaza kuyinto ejwayelekile kodwa ngokuvamile kuyindlela ebheke okholweni olucebile nolunamandla. Hlola ukholo nokungabaza kulolu hlelo lwezinsuku eziyi-10.

Amaphutha Amakhulu angu-12 Angagwenywa Abazali
Izinsuku eziwu 12
Udkt. Tim Elmore ujoyina i-Life.Church ukuze wabelane Ngamaphutha Amakhulu Angu-12 Angagwenywa Abazali. Sonke sifunela izingane zethu okungcono kakhulu, kodwa ngezinye izikhathi izinhloso zethu ezinhle zidukisa izindlela zazo. Masilungise inkambo futhi siholele izingane zethu ekubeni abantu abadala abaphumelelayo nabalandeli bakaKristu abazinikele ngokugcwele. Ukuze uthole okunye okuqukethwe, bheka okuningi ku-finds.life.church

Ithemba Ebumnyameni
Izinsuku eziwu 12
Lolu Hlelo LweBhayibheli olwanoma ubani ozwa ubuhlungu futhi ongaqondi ukuthi kungani. Uma ulahlekelwe okuthile, othile, noma ukholo lwakho luzwakala luntengantenga kwaze kwaba seqophelweni lokuphuka, khona-ke lolu Hlelo LweBhayibheli Oluvela encwadini kaMfundisi weLife.Church uCraig Groeschel, Hope in the Dark, ingase ibe yilokho kanye okudingayo. Uma ufuna ukukholwa, kodwa ungaqiniseki ukuthi kanjani, lokhu kungokwakho.

Ithemba: Isifundo EmBhalweni
Izinsuku eziwu 12
1 KwabaseKorinte 13:13 ithi, “Manje-ke kumi lokhu kokuthathu: ukholo, ithemba nothando. Kodwa okukhulu kulokhu luthando.” Ukholo, ithemba, nothando, yizici ezintathu ezichaza abalandeli bakaKristu. Kuwo wonke umbhalo, lezi zihlukaniso ezintathu zitholakala ndawonye. Lolu hlelo lwezinsuku ezingu-12 lwabesifazane luzohlola ingqikithi namandla aguqula impilo yethemba kuKristu Jesu.