Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseRoma 2:3

Uthando LunguMuntu
Izinsuku ezingu-8
Njengabalandeli bakaJesu sikholelwa ukuthi uNkulunkulu uluthando, kodwa ezikhathini eziningi ikhono lethu lokuthanda abanye liyinselelo enkulu. Mhlawumbe lokho kungenxa yokuthi uthando aluwona nje umuzwa noma umzwelo onamandla. Uthando luwuMuntu. Thatha uhambo ngo-1 KwabaseKorinte 13 futhi uthole uMuntu wothando nokuthi, Ngaye, singabathanda kanjani abanye kangcono.

Ukulungisiswa: Isifundo KwabaseRoma
Izinsuku ezingu 16
Ithathwa njengenye yezincwadi ezicebe kakhulu ngokwezenkolo zeTestamente Elisha, eyabaseRoma iyindatshana yemfundiso yenkolo yensindiso. Eqala ngokungabi nathemba kwesimo sethu sokugcwala isono, uPawulu ubonisa indlela uNkulunkulu anikeza ngayo ukulunga kubantu baKhe ngoJesu Kristu. KwabaseRoma, siyakhunjuzwa ukuthi ukulungisiswa akuveli esimweni noma ekuzuzweni kokuziphatha kodwa ekukholweni ekufeni okuthathela indawo nasekuvukeni okukhazimulayo kukaJesu Kristu.