Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseRoma 15:6

Ugxiliswe Ethembeni: Ukufundwa KweTestamente Elisha
izinsuku ezingu 5
Sivame ukuthembela ezweni elisizungezile—ukukhushulwa esikhundleni, ubuhlobo obungcono, umkhndeni oqinile, nokweluleka kwabagulayo. Kodwa ukuthembela emiphumeleni yasemhlabeni kuphela kuyosehlula. IBhayibheli lithi siyobhekana nokulahlekelwa nokudumala emhlabeni, kodwa sigcinwe othandweni lukaNkulunkulu lwaphakade. Kulolu hlelo, uzofunda ngokunakekela kukaNkulunkulu futhi ubone ukuthi ithemba likamoya lingawaletha kanjani amandla phakathi kwezivunguvungu zempilo.

Isimo sengqondo
Izinsuku ezingu-7
Ukuba nesimo sengqondo esilungile kuzo zonke izimo kuyinselela yangempela. Loluhlelo lwezinsuku eziyisi khombisa luzokunika umbono weBhayibheli, ngendinyana emfushane yosuku ngalunye. Funda indinyana, uthathe isikhathi uzihlolisise ngeqiniso, bese uvumela uNkulunkulu ukuthi akhulume nesimo sakho. Ukuthola okunye, bheka i finds.life.churh

Ukuphila Okunamandla—Qala Ukuphila Ngempela
Izinsuku eziwu 12
uJesu akazange alahle ukuphila Kwakhe okuphelele ukuze ukwazi Ukuphila nje eyakho. Abafana abayisikhombisa—njengawe—babekele eceleni izinsuku ezimbalwa zokwehlisa ijubane, ukuzijabulisa, ukuthola izimpendulo, futhi bakuqophe konke kuvidiyo. Ingabe ukuphila kuwumsebenzi kanye nengcindezi nje? Siphuma kanjani ku-treadmill yokusebenza? Ngingakwazi ukukhululeka ekuluthweni? ngiqala kanjani ukuphila ngempela? Qala lolu hlelo lwebhayibheli lwe-Life.Church nabanye abangani ukuze uthole kabanzi.

Ukulungisiswa: Isifundo KwabaseRoma
Izinsuku ezingu 16
Ithathwa njengenye yezincwadi ezicebe kakhulu ngokwezenkolo zeTestamente Elisha, eyabaseRoma iyindatshana yemfundiso yenkolo yensindiso. Eqala ngokungabi nathemba kwesimo sethu sokugcwala isono, uPawulu ubonisa indlela uNkulunkulu anikeza ngayo ukulunga kubantu baKhe ngoJesu Kristu. KwabaseRoma, siyakhunjuzwa ukuthi ukulungisiswa akuveli esimweni noma ekuzuzweni kokuziphatha kodwa ekukholweni ekufeni okuthathela indawo nasekuvukeni okukhazimulayo kukaJesu Kristu.