Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 6:7

Izisekelo ZeBhayibheli Zichaziwe | Umthandazo
izinsuku ezingu 3
"Nkosi sifundise ukukhuleka." Lapho abafundi becela isiqondiso sikaJesu sendlela yokuthandaza, waphendula ngomthandazo olula osuthandwa emhlabeni wonke. Kulolu chungechunge Lwezisekelo ZeBhayibheli Ezichazwayo, uPeyton Jones usihambisa ngoMthandazo WeNkosi futhi ahlole uhlobo lomthandazo njengoba uNkulunkulu ayewuhlosile: njengokudumisa, njengokuzinikela nokuncika kuNkulunkulu, futhi njengempi yokulwa nezilingo nobubi.

Izinyathelo Zakho Zokuqala
izinsuku ezingu 5
Wenze isinqumo sokulandela uJesu, manje kuzokwenzakalani? Lolu hlelo akulona uhlu oluphelele lwakho konke okuza naleso sinqumo, kodwa luzokusiza ukuthi uthathe izinyathelo zakho zokuqala.

Isifungo
Izinsuku ezi-6
Kulolu hlelo lweLife.Church Bible Plan, imibhangqwana eyisithupha ibhala ngezifungo zomshado eziyisithupha abangakaze bazisho ngokusemthethweni e-altare. Lezi zifungo zokuzilungiselela, ukubeka phambili, ukulandela, ukubambisana, ubumsulwa, nokuthandaza yizifungo ezenza imishado isebenze kade kudlula umshado. Noma ngabe ushadile noma ucabanga nje ngakho, sekuyisikhathi sokwenza isithembiso.

Okokheliwe: Umhlahlandlela Olula Womthandazo Ogqamile
Izinsuku ezi-6
Umthandazo uyisipho, ithuba elimangalisayo lokuba nobudlelwano noBaba wethu oseZulwini. Kulolu hlelo lwezinsuku ezingu-6, sizothola lokho uJesu asifundisa kona ngomthandazo futhi siphefumulelwe ukuba sithandaze ngokungaphezi nangesibindi esikhulu.

Imithandazo Enesibindi
Izinsuku ezingu-7
Unkulunkulu muhle ngaso sonke isikhathi, kodwa lokho akusho ukuthi uhlala ephephile. Lolu hlelo lweBhayibheli lwe-Life.Church lukhuthaza abafundi ukuthi bathandaze imikhuleko emithathu enesibindi: ngicinge, ngithume futhi ngaphule. Iba nesibindi sokuqala ukufunda namuhla, futhi impilo yakho izothatha inguquko esabekayo-enhle.

Ukujaha Kokungafinyeleleki
Izinsuku ezingu-7
Sonke sijaha okuthile. Ngokujwayelekile okuthile okungenakufinyelelwa—umsebenzi ongcono, ikhaya elinethezekile, umndeni ophelele, ukuthola imvume kwabanye. Kodwa akukhathalisi yini lokhu? Ingabe ikhona indlela engcono? Thola kulolu hlelo olusha lweBhayibheli lwe-Life.Church, oluhambisana nochungechunge lwemiyalezo kaMfundisi uCraig Groeschel, elithi Chasing Carrots.

Imithandazo Eyingozi
Izinsuku ezi-7
Ingabe ukhathele ukuyidlala iphephile ngokholo lwakho? Ngabe ukulungele ukubhekana nokwesaba kwakho, wakhe ukholo lwakho, futhi usebenzise amakhono akho? Lolu hlelo lweBhayibheli lwezinsuku ezi-7 olusuka eLife.Incwadi kaMfundisi Craig Groeschel, ethi Imikhuleko Eyingozi, ikunxenxa ukuthi uthandaze ngendlela eyingozi - ngoba ukulandela uJesu kwakungadalelwanga ukuthi kuphephe.

Yenza Isikhala Salokho Okubalulekile: Imikhuba Engokomoya Engu-5 yesizini ye-Lent
Izinsuku ezingu-7
Isizini ye-Lent: inkathi yezinsuku ezingu-40 zokuzindla nokuphenduka. Umcabango omuhle, kodwa empeleni kubukeka kanjani ukuzilolongela lesizini yeLent? Ezinsukwini eziyi-7 ezilandelayo, thola imikhuba yakomoya emihlanu ongaqala ukuyenza ngesikhathi Sokuzila ukuze ikusize ulungise inhliziyo yakho iSonto Lovuko—nangale kwalokho.

Ukuthola Ukuphumula Ngezigqi Zokuphila
Izinsuku eziwu 10
Njengoba sinemisebenzi eminingi kanye neziphazamiso ezilwela ukunakwa kwethu, ngokujwayelekile sigcina sisemjikelezweni ongenampilo yokuphumula. Siyalwa futhi sizikhandle ngokumelene nenhloso kaNkulunkulu ngezimpilo zethu futhi sizigqilaze. Lolu hlelo lokufunda lwezinsuku ezingu-10 luzokwethula ezindleleni zikamoya ezizokusiza ukuthi uthole eNkosini futhi uthole ukuhlanganyela kanye nokusondelana nayo—kanye nokuphumula komphefumulo kwangempela.

Ukuhamba Nojesu
Izinsuku ezingu-14
Uyafuna ukufunda incazelo yensindiso, ukuphila impilo egcwele uMoya, ukuzwa izwi likaNkulunkulu, ubudodana, ukufana noKristu, ukwesaba uNkulunkulu, ukuphila okunqobayo, ukuvuselela ingqondo, ukukhululwa, nokubuyiselwa?

Ukuzila izinsuku ezi-21
Izinsuku ezingu-21
Qala unyaka wakho omusha ngokufuna indlela yokuzila kwakho ukuthi ibe ngekaMoya. Leliplani liqukethe imibhalo emayelana nokuzila neminye ekhuthaza ukuzihlola nokusondela kuNkulunkulu. Izinsuku ezingamashumi amabili naye, uzothola iZwi elivela eBhayibhelini, elihambisana namagama anokukusiza ukuzinikela, imibuzo yokuzihlola nomkhuleko ongagxila kuwo. Ukuthola okuningi kunalokhu, vakashela u www.finds.life.church.

Umkhuleko
Amaviki awu-21
Funda ukukhuleka kahle, ngemikhuleko yokukholwa kanye ngamazwi kaJesu uqobo. Thola ukukhuthazeka ukuqhubeka ukuletha izicelo zakho kuNkulunkulu ngazo zonke izinsuku, ngokubambelela kanye nokubekezela. Hlola izibonelo zemkhuhleko eyize, yokuzenza olungile, uyilinganise nemikhuleko ecolekile ebuya kulabo abanezinhliziyo ehlanzekile. Khuleka ungaphezi.