Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 6:33

Gcina Ushintsho: Ukuphatha Imali Yakho Ngokuhlakanipha
Izinsuku ezingu-7
Imali kungaba nzima ukukhuluma ngayo futhi kube nzima ukuyiqonda. Kodwa indlela esisebenzisa ngayo imali yethu ngokujwayelekile yiyona enquma indlela esisebenzisa ngayo ukuphila kwethu. Ngakho singaqiniseka kanjani ukuthi sidumisa uNkulunkulu futhi sikhonza abanye ngezimali zethu? Kulolu Hlelo LweBhayibheli Lwezinsuku Ezingu-7, sizobheka izindaba zangempela ezivela kubantu abajwayelekile abafunda ukulawula isabelomali sabo futhi baphile izimpilo zokupha.

Ukunqoba Ukwesaba, Ukukhathazeka, Nokucindezeleka
Izinsuku ezingu-7
Ukwesaba kuyimpendulo yethu kulokho esikubona njengengozi—kuhloselwe ukusiza ukusigcina siphephile. Kodwa ngezinye izikhathi, ukwesaba kungasilawula ngezindlela uNkulunkulu ayengazihlosile. Lezi zinkonzo zihamba nawe emBhalweni, lapho uNkulunkulu ekhuluma khona ngqo kulokho okwesabayo. Uma ucabanga ngempilo yakho siqu ngokukhanya kweZwi likaNkulunkulu, uyokhulisa ukholo kuYe njengomthombo wangempela wokuthula kanye nempendulo yakho konke ukwesaba kwakho.

Ukukhulekela Ukukhathazeka
Izinsuku ezingu-7
Ukukhathazeka kungangena ekuphileni kwethu nganoma isiphi isikhathi. Kodwa lokho akusho ukuthi kufanele kuhlale! Kungakhathaliseki ukuthi ubhekene nani namuhla, ungakunqoba ukukhathazeka nemiphumela yako elimazayo njengoba uxhumana noNkulunkulu ngomkhuleko ngezithembiso zakhe ezinamandla ezisemBhalweni. Hlanganyela nathi ezinsukwini ezimbalwa ezizayo njengoba sithatha izinyathelo zokuqeda ukukhathazeka ezimpilweni zethu futhi sithole ukuthula eZwini likaNkulunkulu.

Injabulo Yohambo: Ukuthola Ithemba Phakathi Kwezilingo
Izinsuku ezingu-7
Singase singakuboni noma sikuzwe njalo, kodwa uNkulunkulu uhlala enathi... ngisho nalapho sibhekene nobunzima. Kulolu hlelo, Umxhumanisi Wokuthola Ithemba u-Amy LaRue ubhala ngokusuka enhliziyweni mayelana nomshikashika womndeni wakhe wokuba umlutha nokuthi injabulo kaNkulunkulu yagqashuka kanjani ngezikhathi zabo zobumnyama.

Ukukhuleka njengo Jesu
Izinsuku ezingu-7
Ingabe usukulungele ukujulisa impilo yakho yomkhuleko, kodwa awunasiqiniseko ukuthi ungaqala kanjani? Ake sibhekisise iziyalezo uJesu asinika zona mayelana nendlela yokuthandaza kuMathewu 6. Funda ukuthi ungakhuleka kanjani njengoJesu kulolu hlelo lweBhayibheli lwezinsuku ezingu-7 oluvela kuMfundisi u-Amy Groeschel.

Ukukhulisa Ubuholi ngokuhlakanipha kweBhayibheli
Izinsuku ezingu-8
Ukukhulisa ubuholi bethu kubalulekile namuhla. Kumele sandise, siqhakambise, sengeze futhi sikhulise ukuhlakanipha kobuholi bethu ukuqondisa indawo yethu eguquguqukayo. Ubuchwepheshe obuguquka ngokushesha, ukushintsha umsebenzi/imithelela yenqubo yeqembu, futhi nokushintsha kwezomnotho kungezinye izinkinga esihlangabezana nazo. Kepha ungacabangi ukuthi ukukhulisa ubuholi bethu kwenzelwa nje indawo yemsebenzi. Kumele sikhulise ukuqondisa amakhaya ethu futhi nasebudlelwaneni bethu. Jula namuhla ukuzuza ulwazi olufanelekile lokuhola.

Funa uNkulunkulu Kukho
Izinsuku eziwu 10
Ukucindezeleka. Ukukhathazeka. Izimbangela nezenzakalo ezibuhlungu zisiphazamisa ngokwengqondo, ngokomzwelo, nangokomoya. Ngalezi zikhathi ukufuna uNkulunkulu kubonakala kunzima futhi kungenasidingo. Uhlelo oluthi, "Funa UNkulunkulu Kukho" luhlose ukukukhuthaza kanye nokukufundisa ukuthi ungenza kanjani ebukhoneni bukaNkulunkulu ukuze uthole ukuthula kukaNkulunkulu, kungakhathaliseki isimo sakho.

Yilwa Imfundiso yamadoda
Izinsuku eziwu 11
UMbhali owuMfundisi uCraig Groeschel usiza amadoda ukuba ambulekelwe ukuthi empeleni wona angobani —indoda eyiqhawe elinamandla. Lolu hlelo lwezinsuku ezingu-11 lubheka ukuphila kukaSamsoni—indoda enamandla kodwa ebuye ibe nobuthakathaka obusobala. Kulwele lokhu uNkulunkulu akwenze waba yikho. Ungalwi njengendoda ejwayelekile. Yilwa njengendoda kaNkulunkulu.

Amandla Ansuku zonke Ngu-Craig Groeschel: Amandla Omphefumulo Wakho
Izinsuku eziwu 12
Uyazi ukuthi sikhula kanjani? Sizilolonga nsuku zonke. Abantu abaningi abaqapheli ukuthi yizinto okungekho muntu ozibonayo eziholela ezintweni ezifunwa yiwo wonke umuntu. Wonke umuntu ufuna amandla ansuku zonke, futhi lolu Hlelo LweBhayibheli lwezinsuku eziyi-12 luhlanganisa usuku olulodwa olusuka enyangeni ngayinye yencwadi entsha sha kaMfundisi uCraig Groeschel, Amandla Ansuku zonke: Izinsuku Ezingu-365 Zokugcwalisa Umphefumulo Wakho. Qala umkhuba wakho omusha wansuku zonke namuhla!

Okuningi Kokuncane: Umhlahlandlela Wezinto Ezincane Nenjabulo Eyengeziwe
Izinsuku eziwu 14
ImiBhalo ithi izindinganiso zikaNkulunkulu zihlukile kwezezwe. Lokhu kubonakala endabeni yengcebo nemfuyo. “Uma unokuningi, kuba ngcono!” umhlaba uyamemeza. UNkulunkulu uyahleba, “Nganele. Ungafuni injabulo noma ukulondeka kunoma yini enye. Uzoneliseka kakhulu ngokuba nokuncane.” Ukukhuculula, isenzo sokuba nokuncane ngenhloso esimayelana nokuqeda imfuhlumfuhlu. Kunikeza indlela yokuthuthukisa impilo yethu ngaphansi kukaNkulunkulu.

Impendulo KaNkulunkulu Yokwesaba, Ukukhathazeka, Novalo
Izinsuku ezingu-18
Singakunqoba kanjani ukwesaba, ukukhathazeka nokudumazeka? Ibhayibheli linokuthile elikushoyo ngalokhu futhi ungaba nokunqoba ngokusebenzisa amaqiniso kaNkulunkulu. Umfundisi uGreg Laurie ubhale iminikelo yansuku zonke engu-18 ukuze akusize unqobe ukwesaba, ukukhathazeka nokudumazeka. Zizwe ukhululekile ukwabelana ngazo nabanye obaziyo abafuna ukukhula ekwethembeni kwabo kuJesu Kristu. I-Harvest Ministries no-Greg Laurie