Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 6:18

Ukujaha Kokungafinyeleleki
Izinsuku ezingu-7
Sonke sijaha okuthile. Ngokujwayelekile okuthile okungenakufinyelelwa—umsebenzi ongcono, ikhaya elinethezekile, umndeni ophelele, ukuthola imvume kwabanye. Kodwa akukhathalisi yini lokhu? Ingabe ikhona indlela engcono? Thola kulolu hlelo olusha lweBhayibheli lwe-Life.Church, oluhambisana nochungechunge lwemiyalezo kaMfundisi uCraig Groeschel, elithi Chasing Carrots.

Yenza Isikhala Salokho Okubalulekile: Imikhuba Engokomoya Engu-5 yesizini ye-Lent
Izinsuku ezingu-7
Isizini ye-Lent: inkathi yezinsuku ezingu-40 zokuzindla nokuphenduka. Umcabango omuhle, kodwa empeleni kubukeka kanjani ukuzilolongela lesizini yeLent? Ezinsukwini eziyi-7 ezilandelayo, thola imikhuba yakomoya emihlanu ongaqala ukuyenza ngesikhathi Sokuzila ukuze ikusize ulungise inhliziyo yakho iSonto Lovuko—nangale kwalokho.

Ukuthola Ukuphumula Ngezigqi Zokuphila
Izinsuku eziwu 10
Njengoba sinemisebenzi eminingi kanye neziphazamiso ezilwela ukunakwa kwethu, ngokujwayelekile sigcina sisemjikelezweni ongenampilo yokuphumula. Siyalwa futhi sizikhandle ngokumelene nenhloso kaNkulunkulu ngezimpilo zethu futhi sizigqilaze. Lolu hlelo lokufunda lwezinsuku ezingu-10 luzokwethula ezindleleni zikamoya ezizokusiza ukuthi uthole eNkosini futhi uthole ukuhlanganyela kanye nokusondelana nayo—kanye nokuphumula komphefumulo kwangempela.

Ukuzila izinsuku ezi-21
Izinsuku ezingu-21
Qala unyaka wakho omusha ngokufuna indlela yokuzila kwakho ukuthi ibe ngekaMoya. Leliplani liqukethe imibhalo emayelana nokuzila neminye ekhuthaza ukuzihlola nokusondela kuNkulunkulu. Izinsuku ezingamashumi amabili naye, uzothola iZwi elivela eBhayibhelini, elihambisana namagama anokukusiza ukuzinikela, imibuzo yokuzihlola nomkhuleko ongagxila kuwo. Ukuthola okuningi kunalokhu, vakashela u www.finds.life.church.

Zila ukudla njengo Daniyeli
Izinsuku ezingu-21
Angikuthandi ukuzila ukudla! Masikhulume iqiniso; akukho lutho olujabulisayo ngokuzincisha ukudla okuthandayo nempilo enethezekile oyijabulelayo. Kungenzeka ngingakuthandi ukuzila ukudla, kodwa ngiyayithanda imiphumela. I-Daniel Fast ISHINTSHE IMPILO YAMI! Uma uzibophezela ekuzileni ukudla futhi ulandele lolu hlelo, luzoshintsha nolwakho. Masimvulele uNkulunkulu indawo kulolu hambo olumangalisayo njengoba sizila NjengoDaniyeli.

Ukuthola kabusha Isikhathi sikaKhisimusi
Izinsuku ezingu-25
Qala isiko elisha likaKhisimusi ngokusonta okungekona okwesiko kwisizini ye-Advent. Usuku olukahle lokuqala lo mdlalo lungomhla ka-1 Disemba, kuyilapho ukuqala kwangaphambilini kuvumela ijubane elinethezekile. Kufaka phakathi imibuzo yokuzindla kanye nezinyathelo zesenzo zokugxila kuKristu usuku ngalunye. Ilungele abantu ngabanye, imindeni, noma amaqembu amancane.