Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaJohane 10:29

Izimfundiso zoMusa
izinsuku ezingu 5
Lolu hlelo lwezinsuku ezinhlanu luyisifundo esijulile sezimfundiso zomusa. T.U.L.I.P. yisihloko seTheology esiphakamisa ubukhosi bukaNkulunkulu. Ukuphakamisa umusa kaNkulunkulu yiqiniso elivezwe ezimfundisweni zomusa.

Isiphambano & Umqhele
Izinsuku ezingu-7
Izinto eziningi zeTestamente Elisha zalotshwa ukuze sazi ngoJesu Kristu, insindiso ayithenge ngokufa Kwakhe esiphambanweni, kanye nesithembiso sokuvuka Kwakhe. Kulesikhathi uDkt. Charles Stanley uzindla ngegazi eliyigugu likaJesu, uvuko, kanye nesipho sokuphila okuphakade esigcinelwe wena. Hlanganyela naye ekukhumbuleni inani uJesu alikhokha futhi uthokozele ukujula kothando olukhulu lukaBaba.

Ukuphepha Kwaphakade
Izinsuku ezingu-7
Lesi sifundo somkhuleko wokuzinikela sezinsuku ezingu-7 sizokusiza uqonde ukuthi kungani insindiso yakho kuKristu iphephile futhi wamukele uhlobo lokuphila uNkulunkulu akufisela ukuba uluphile.

UNkulunkulu unathi
Izinsuku ezingu-7
Ukhisimusi uyisikhathi sentokozo enkulu, owuphawu lokuzalwa kukaJeau, uMsindisi wethu. Ziningi iziphrofetho ebhayibhelini lilonke ezikhuluma ngokuza kukaJesu, kulesikhathi sokuzinikezela, sizobheka amagama ayisikhombisa uNkulunkulu awasebenzisayo eMbhalweni ukumemezela ukuza kwaKhe. Sizocubungula ukuthi uJesu yena uhlanganiselwe kanjani kwigama ngalinye kulamagama nokufanana kwaloku kithina namhlanje njengasezinsukwini ayehamba ngazo la emhlabeni.

Ukuhlala Ekuthuleni: Izinsuku Ezingu-7 Zokulinda Ngaphakathi Kwesithembiso SikaNkulunkulu
Izinsuku ezingu-7
Kunezikhathi lapho sinesithembiso esivela kuNkulunkulu, kodwa asiyiboni impilo yethu ihambisana nesithembiso uNkulunkulu asinike sona. Noma kunezikhathi lapho sifika empambano mgwaqo empilweni yethu, sithembele kuNkulunkulu ukuthi akhulume isiqondiso ezimpilweni zethu, bese sizwa ukuthula kuphela. Le nkonzo yezinsuku ezingu-7 izokhuluma nenhliziyo yakho mayelana nendlela yokuhamba eNtandweni kaNkulunkulu lapho uNkulunkulu ebonakala ethule.

Ukuthola Ukuphumula Ezweni Elimatasatasa
Izinsuku ezingu-9
Akukho ukuzulazula eqinisweni lokuthi siphila emhlabeni ojikelezayo njalo. Silangazelela ukuthula emiphefumulweni yethu - kodwa, ngokujwayelekile, lokho kuphumula okujulile kubonakala kungenakufinyeleleka kithi. Noma ingabe kunjalo? Ezinsukwini ezimbalwa ezilandelayo, ake sichithe imizuzu embalwa silunguza emzini kaMariya noMarta eBethaniya. Odade ababili ababethanda uNkulunkulu - kodwa babonisa lolo thando ngezindlela ezihluke ngokuphelele. Kusukela esenzakalweni esincane sikaLuka lapho uJesu evakashela odade ababili, kanye nezinye izingxenye zemiBhalo, masifunde ukuthola ukuphumula ngempela kuYe yedwa.