Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Kwabase-Efesu 4:25

Izitha Zenhliziyo
izinsuku ezingu 5
Njengoba nje inhliziyo engenampilo engokwenyama ingawubhubhisa umzimba wakho, inhliziyo engenampilo ngokomzwelo nangokomoya ingakucekela phansi kanye nobudlelwane bakho. ezinsukwini ezinhlanu ezilandelayo, vumela u-Andy Stanley akusize ubheke ngaphakathi kuwe izitha ezine ezivamile zenhliziyo - icala, intukuthelo, ukuhaha, nomhawu - futhi akufundise ukuthi ungazisusa kanjani.

Okujabulisayo: Impilo Efanele Ukuphilwa
izinsuku ezingu 5
Wonke umuntu angakhetha ukuba nomdlandla, futhi impilo enjalo iqala ngokulingisa uJesu. Isimilo ngasinye esibizelwe ukusemukela, zonke izenzo zomusa noma zothando, kanye nezwi ngalinye lozwelo noma ububele liwukubonakaliswa okucacile kukaKristu ngaphakathi kwethu. Sibizelwe ukuba sibe ngumbukiso ophilayo-futhi-sisho lokho uNkulunkulu akwazi ukukufeza ngomuntu oyedwa ojwayelekile.

Ukuthethelela Abasilimazayo
Izinsuku ezingu-7
Akukhathaliseki ukuthi sihlushwa amanxeba angokomzwelo noma ngokomzimba, intethelelo iyisisekelo sempilo yobuKristu. Ujesu Kristu wabhekana nazo zonke izinhlobo zokuphathwa ngokungafanele nokungalungile, kwaze kwaba seqophelweni lokufa okungafanele. Nokho ngehora lakhe lokugcina, wathethelela isela eliyinhlekisa elikwesinye isiphambano kanye nababulali bakhe.

Imizwa
Izinsuku ezingu-7
Iningi lethu lizama ukugwema noma ukungayinaki imizwa yethu. Singaze sizibuze ukuthi ukholo nemizwa yethu kuyizitha yini. Kodwa ngesikhathi esemhlabeni, uJesu wezwa imizwa ejulile. Akazange abe kude nathi. Unathi—ngisho nasemizweni yethu. Kulolu Hlelo LweBhayibheli Lwezinsuku Eziyisi-7 oluhambisana nochungechunge lukaMfundisi Craig Groeschel, Emotions, sizobheka ukuthi uJesu waphila kanjani ukuze sithole ukuthi imizwa yethu ingakhulisa kanjani ukholo lwethu.

Akukho cala
Izinsuku ezingu-7
Kusukela esihlokweni sezindaba zakamuva kuya kumazwana ezinkundleni zokuxhumana, kunamathuba amaningi okucasulwa usuku ngalunye. Kodwa kuthiwani uma sinquma ukusabela ngendlela ehlukile? Kulolu Hlelo LweBhayibheli lwezinsuku ezingu-7, oluhambisana nochungechunge lwemiyalezo kaMfundisi Craig Groeschel, Akukho Koniwa, sizothola ukuthi singayiyeka kanjani intukuthelo ebilokhu isibambile futhi sigcine abanye beyizithunjwa.

Ukukhuleka njengo Jesu
Izinsuku ezingu-7
Ingabe usukulungele ukujulisa impilo yakho yomkhuleko, kodwa awunasiqiniseko ukuthi ungaqala kanjani? Ake sibhekisise iziyalezo uJesu asinika zona mayelana nendlela yokuthandaza kuMathewu 6. Funda ukuthi ungakhuleka kanjani njengoJesu kulolu hlelo lweBhayibheli lwezinsuku ezingu-7 oluvela kuMfundisi u-Amy Groeschel.

Ukuqamba amanga
Izinsuku ezingu-7
Ingabe amanga amancane abalulekile? Ingabe akhona amazinga ahlukene okuqamba amanga, futhi ingabe amanye alungile? Iqiniso liwukuthi, uNkulunkulu ulindele ukwethembeka. Lolu hlelo lwezinsuku eziyisikhombisa luzoletha Iqiniso lombhalo emcabangweni wakho. Zithulise phambi kukaNkulunkulu futhi uvumele ingqondo yakho yenziwe ibe mitsha. Ukuze uthole okunye okuqukethwe, bheka okuthi finds.life.church

Qondisa Ingqondo Yakho-Qapha Inhliziyo Yakho- Gcwalisa Umusa Ulimi Lwakho
Izinsuku ezingu-21
Ngamunye wethu sikhulume amagama “ngaphansi kwethonya” lemizwa esontekile nokucabanga okungahlelekile. Futhi ngokushesha sifisa sengathi singaba namandla omlingo okubuyisela lawo mazwi. Yimicabango nemizwa yethu enquma ukuthi yimaphi amagama aphuma emilonyeni yethu. Qondisa Ingqondo Yakho, Qapha Inhliziyo Yakho, Gcwalisa Umusa Ulimi Lwakho luzokwenza ukwazi ukulawula imicabango nemizwa yakho ukuze uthande ulimi lwakho.

Izinsuku ezingu-21 kwabase-Efesu
Izinsuku ezingu-21
Eyabase-Efesu inothile ngamaqiniso ngoNkulunkulu nomsebenzi wakhe wokusindisa kithi. Lolu hlelo lwenzelwe ukukusiza ukuthi umbe ujule kulo mbhalo, ube ufunda okwengeziwe ngoNkulunkulu kanye nawe. Isigqi sezinyathelo eziyisithupha zansuku zonke sizokusiza ukuba uzenzele umkhuba wokufunda nokuhlanganyela neZwi likaNkulunkulu. lolu hlelo lulethwe kuwe yi-Christian Standard Bible (CSB). Funda kabanzi ku-CSBible.com.

Injabulo Yazo Zonke Izinkathi
Izinsuku ezingu 30
Wake wazibuza, “Kungenzeka yini ukuba nenjabulo kuzo zonke izikhathi zokuphila?” Ucarol McLeod ukholelwa ukuthi uNkulunkulu unenjabulo enkulu ongayithola. Kulokhu kuzinikela, uzothola ukuthi ungamethemba kanjani uNkulunkulu lapho impilo ingalungile, ungazindla kanjani ngombhalo oguqula ukucabanga kwakho nokuthi ungaguqula kanjani ukudumala kube yinhliziyo ejabule phakathi kokungaqiniseki.