Akara Njirimara YouVersion
Akara Eji Eme Ọchịchọ

AmaHubo 146

146
Ukudumisa uJehova, umsizi olungileyo
1 Haleluya!
Dumisa uJehova, mphefumulo wami.
2 Ngisaphila ngiyakumdumisa uJehova,
ngihube kuNkulunkulu wami ngisekhona.
3 Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu
okungekho kuyo ukusiza.
4 Umoya wakhe uyaphuma,
yena abuyele emhlabathini wakhe;
ngalona lolo suku amacebo akhe ayaphela.
5 Ubusisiwe yena omsizi wakhe unguNkulunkulu kaJakobe,
othemba lakhe likuJehova uNkulunkulu wakhe
6 owenzile izulu nomhlaba,
nolwandle, nakho konke okuphakathi kwakho,
ogcina iqiniso kuze kube phakade;
7 obenzela abacindezelweyo ukwahlulela,
obapha abalambileyo ukudla;
uJehova uyakhulula iziboshwa.
8 UJehova uyenza ukuba izimpumputhe zibone;
uJehova uyavusa abathotshisiweyo;
uJehova uyathanda abalungileyo.
9 UJehova uyalondoloza abafokazi;
uyaphasa intandane nomfelokazi;
kepha indlela yababi uyayiphambanisa.
10 UJehova uyabusa kuze kube phakade,
uNkulunkulu wakho, Siyoni, ezizukulwaneni ngezizukulwane.
Haleluya!

Nke Ahọpụtara Ugbu A:

AmaHubo 146: ZUL59

Mee ka ọ bụrụ isi

Kesaa

Mapịa

None

Ịchọrọ ka echekwaara gị ihe ndị gasị ị mere ka ha pụta ìhè ná ngwaọrụ gị niile? Debanye aha gị ma ọ bụ mee mbanye