Zephaniah 3:14-20

Hlabelela ngokujabula, ndodakazi yaseSiyoni, umemeze, Israyeli, uthokoze, wethabe ngenhliziyo yonke, ndodakazi yaseJerusalema. UJehova ususile ukwahlulelwa kwakho, uxoshile izitha zakho. INkosi yakwa-Israyeli, uJehova, iphakathi kwakho; awusayikwesaba okubi. Ngalolo suku kuyakuthiwa kulo iJerusalema: “Ungesabi, Siyoni! Izandla zakho mazingadangali. UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho, iqhawe eliyakukusindisa; uyakujabula ngawe ngentokozo, athule othandweni lwakhe, ethabe ngawe ngokuhlabelela.” “Abadabuka ngemikhosi ngiyakubabutha, ababahlukene nawe, usathwele ihlazo. Bhekani, ngaleso sikhathi ngiyakuphatha bonke abakuhluphayo, ngisindise abaqhugayo, ngibuthe abaxoshiweyo, ngibenze indumiso negama abahlazo labo lalisemhlabeni wonke. Ngaleso sikhathi ngiyakuningenisa, ngaleso sikhathi ngiyakunibutha, ngokuba ngiyakunenza igama nendumiso phakathi kwabantu bonke bomhlaba, lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwenu phambi kwamehlo enu,” usho uJehova.
UZefaniya 3:14-20