Romans 8:18-21

Ngokuba ngithi izinhlupheko zesikhathi samanje azinakulinganiswa nenkazimulo eyakwambulwa kithina. Ngokuba ukulangazela kokudaliweyo kulindele ukwambulwa kwabantwana bakaNkulunkulu. Ngokuba okudaliweyo kwabekwa phansi kobuze, kungengentando yakho kodwa ngaye owakubekayo, ethembeni lokuthi nakho okudaliweyo kuyakukhululwa ebugqileni bokubhubha, kube ngukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu.
KwabaseRoma 8:18-21