Romans 5:3-7

Kepha akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga nangezinhlupheko ngokwazi ukuthi ukuhlupheka kuveza ukukhuthazela, ukukhuthazela kuveza ukuqiniseka, ukuqiniseka kuveza ithemba; ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo. Ngokuba sisebuthakathaka, uKristu wafela abangamesabi uNkulunkulu ngesikhathi esifaneleyo; ngokuba cishe kungenzeki ukuba umuntu afele olungileyo, kodwa mhlawumbe kungase kube khona ongaba nesibindi sokufela omuhle
KwabaseRoma 5:3-7