Psalms 47:1-6

Shayani izandla, zizwe zonke; hlokomani kuNkulunkulu ngezwi lokuhalalisa. Ngokuba uJehova oPhezukonke uyesabeka; uyinkosi enkulu phezu komhlaba wonke. Wathobisa abantu phansi kwethu, nezizwe phansi kwezinyawo zethu. Wasikhethela ifa lethu, udumo lukaJakobe amthandayo. Sela* UNkulunkulu wenyukile ngokuhlokoma, uJehova ngokukhala kwecilongo. Hubelani uNkulunkulu, hubani! Hubelani iNkosi yethu, hubani!
AmaHubo 47:1-6