Psalms 40:1-5

Bengilindela uJehova; wayesezikhothamisela kimi, wezwa ukukhala kwami. Wangikhipha emgodini wokubhujiswa odakeni lobishi, wamisa izinyawo zami edwaleni, waqinisa izinyathelo zami. Wabeka igama elisha emlonyeni wami, igama lokubonga uNkulunkulu wethu; abaningi bayakukubona, besabe, bamethembe uJehova. Ubusisiwe umuntu obeka ithemba lakhe kuJehova, ongaphendukeli kwabazidlayo nakwabaphambukela emangeni. Jehova Nkulunkulu wami, ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo, nezizindlo zakho ngathi; akukho okungafaniswa nawe; uma ngiyilanda, ngiyisho, miningi kunokuba ibalwe.
AmaHubo 40:1-5