Psalms 22:1-6

Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Ukude namazwi okubububula kwami nokusindiswa kwami. Nkulunkulu wami, ngikhala emini, kepha awuphenduli, nasebusuku, ngingabi nakuthula. Kepha wena ungoNgcwele ohlezi ezibongweni zika-Israyeli. Obaba bethu babekwethemba; babethemba, wena wabakhulula. Bakhala kuwe, bakhululwa; bethemba wena, abaze bajabha. Kepha mina ngiyimphethu, angisiye umuntu; ngiyisithuko sabantu, ngiyindelelo yabantu.
AmaHubo 22:1-6