Psalm 16:8-11

Ngimbeke uJehova njalo phambi kwami, ngokuba ungakwesokunene sami, angiyikuzanyazanyiswa. Ngakho-ke inhliziyo yami iyajabula, nomphefumulo wami uyethaba, nenyama yami iyakuhlala ngokwethemba. Ngokuba awuyikunikela umphefumulo wami endaweni yabafileyo; awuyikuvuma ukuba ongcwele wakho abone ukubola. Uyakungazisa indlela yokuphila; ukugcwala kwenjabulo kusebusweni bakho; intokozo isesandleni sakho sokunene kuze kube phakade.
AmaHubo 16:8-11