AmaHubo 139:13-15

Ngokuba wena uzenzile izinso zami, wangaluka esiswini sikamame. Ngiyakukubonga, ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; imisebenzi yakho iyamangalisa; umphefumulo wami uyakwazi kahle. Amathambo ami ayengafihlekile kuwe, lapho ngenziwa ekusithekeni, ngibunjwa ezindaweni ezijulileyo zomhlaba.
AmaHubo 139:13-15