I-Logo ye-YouVersion
IBhayibheliAmapulaniAmavidiyo
Thola i App
Okukhetha Ulimi
Isici soku Sesha

Psalms 119:1-16

AmaHubo 119:1-16 - Babusisiwe abaqotho endleleni,
abahamba ngemithetho kaJehova.
Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe,
abamfuna ngenhliziyo yonke,
abangenzi ukungalungi,
kepha behamba ezindleleni zakhe;
wena usiyalezile
ukuba sizigcine ngokwempela.
Sengathi zingaqondiswa izindlela zami
ukuba ngigcine izimiso zakho.
Khona angiyikujabha;
ngiyakuhlonipha iziyalezo zonke zakho.
Ngiyakukubonga ngobuqotho benhliziyo,
lapho ngifunda izahlulelo zakho ezilungileyo.
Izimiso zakho ngiyakuzigcina;
ungangishiyi nakanci.

Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na?
Ngokuqaphela okwezwi lakho.
Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke;
mangingaphambuki emiyalweni yakho.
Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho,
ukuze ngingoni kuwe.
Mawubongwe wena Jehova,
ungifundise izimiso zakho.
Ngomlomo wami ngimemezele
zonke izahlulelo zomlomo wakho.
Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho njengemfuyo.
Ngiyakuzindla ngeziyalezo zakho,
ngihloniphe izindlela zakho.
Ngiyakuthokoza ngezimiso zakho;
angiyikukhohlwa izwi lakho.

Babusisiwe abaqotho endleleni, abahamba ngemithetho kaJehova. Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe, abamfuna ngenhliziyo yonke, abangenzi ukungalungi, kepha behamba ezindleleni zakhe; wena usiyalezile ukuba sizigcine ngokwempela. Sengathi zingaqondiswa izindlela zami ukuba ngigcine izimiso zakho. Khona angiyikujabha; ngiyakuhlonipha iziyalezo zonke zakho. Ngiyakukubonga ngobuqotho benhliziyo, lapho ngifunda izahlulelo zakho ezilungileyo. Izimiso zakho ngiyakuzigcina; ungangishiyi nakanci. Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na? Ngokuqaphela okwezwi lakho. Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke; mangingaphambuki emiyalweni yakho. Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe. Mawubongwe wena Jehova, ungifundise izimiso zakho. Ngomlomo wami ngimemezele zonke izahlulelo zomlomo wakho. Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho njengemfuyo. Ngiyakuzindla ngeziyalezo zakho, ngihloniphe izindlela zakho. Ngiyakuthokoza ngezimiso zakho; angiyikukhohlwa izwi lakho.

AmaHubo 119:1-16

Psalms 119:1-16
I-YouVersion'

Ukukukhuthaza nokukubekela inselelo yokufuna ubudlelwano noNkulunkulu nsuku zonke.

Inkonzo

Mayelana

Imisebenzi

Volontiya

I-Blogi

Abezindaba

Izixhumanisi Eziwusizo

Usizo

Nikela

Izinguqulo zeBhayibheli

AmaBhayibheli Alalelwayo

Izilwimi zeBhayibheli

Ivesi losuku


Inkonzo yedijithali ye

Life.Church
English (US)

©2025 I-Life.Church / YouVersion

Inqubomgomo yobumfihloImibandela
Uhlelo Lokudalula Ubungozi
U-FacebookU-TwitterI-InstagramI-YouTubeI-Pinterest

Ikhaya

IBhayibheli

Amapulani

Amavidiyo