Psalm 111:2-10

Mikhulu imisebenzi kaJehova, iphenywa yibo bonke abathokoza ngayo. Umsebenzi wakhe ungubukhosi nodumo, nokulunga kwakhe kumi phakade. Wenzele izimangaliso zakhe isikhumbuzo; uJehova unomusa nobubele. Abamesabayo ubapha ukudla; ukhumbula njalo isivumelwano sakhe. Ubonisile abantu bakhe amandla emisebenzi yakhe ngokubapha ifa labezizwe. Imisebenzi yezandla zakhe iyiqiniso nokwahlulela; imithetho yonke yakhe iqinile; imisiwe ngeqiniso nangobuqotho. Wabathumela abantu bakhe ukukhululwa; uyalezile isivumelwano sakhe kuze kube phakade; lingcwele, liyesabeka igama lakhe. Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; banengqondo enhle bonke abakwenzayo. Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.
AmaHubo 111:2-10