I-Logo ye-YouVersion
IBhayibheliAmapulaniAmavidiyo
Thola i App
Okukhetha Ulimi
Isici soku Sesha

AmaHubo 107:1-9

AmaHubo 107:1-9 - Bongani uJehova, ngokuba muhle,
ngokuba umusa wakhe umi phakade.
Mabasho njalo abahlengiweyo bakaJehova,
abahlengileyo esandleni sesitha;
wababutha emazweni,
empumalanga nasentshonalanga,
enyakatho naselwandle.

Bazulazula ehlane ngendlela yakwahlongasibi,
abafumananga umuzi wokuhlala.
Belambile, bomile,
umphefumulo wabo waphela amandla phakathi kwabo.
Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo;
wabakhulula ezinsizini zabo.
Wabahola ngendlela elungileyo
ukuba baye emzini wokuhlala.
Mababonge uJehova ngomusa wakhe
nezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.
Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo;
umphefumulo olambayo uyawugcwalisa ngokuhle.

Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade. Mabasho njalo abahlengiweyo bakaJehova, abahlengileyo esandleni sesitha; wababutha emazweni, empumalanga nasentshonalanga, enyakatho naselwandle. Bazulazula ehlane ngendlela yakwahlongasibi, abafumananga umuzi wokuhlala. Belambile, bomile, umphefumulo wabo waphela amandla phakathi kwabo. Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo; wabakhulula ezinsizini zabo. Wabahola ngendlela elungileyo ukuba baye emzini wokuhlala. Mababonge uJehova ngomusa wakhe nezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu. Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo; umphefumulo olambayo uyawugcwalisa ngokuhle.

AmaHubo 107:1-9

AmaHubo 107:1-9
I-YouVersion'

Ukukukhuthaza nokukubekela inselelo yokufuna ubudlelwano noNkulunkulu nsuku zonke.

Inkonzo

Mayelana

Imisebenzi

Volontiya

I-Blogi

Abezindaba

Izixhumanisi Eziwusizo

Usizo

Nikela

Izinguqulo zeBhayibheli

AmaBhayibheli Alalelwayo

Izilwimi zeBhayibheli

Ivesi losuku


Inkonzo yedijithali ye

Life.Church
English (US)

©2025 I-Life.Church / YouVersion

Inqubomgomo yobumfihloImibandela
Uhlelo Lokudalula Ubungozi
U-FacebookU-TwitterI-InstagramI-YouTubeI-Pinterest

Ikhaya

IBhayibheli

Amapulani

Amavidiyo