I-Logo ye-YouVersion
IBhayibheliAmapulaniAmavidiyo
Thola i App
Okukhetha Ulimi
Isici soku Sesha

Psalm 103:1-14

AmaHubo 103:1-14 - Mbonge uJehova, mphefumulo wami;
konke okuphakathi kwami makubonge igama lakhe elingcwele.
Mbonge uJehova, mphefumulo wami,
ungakhohlwa imisebenzi yonke yakhe yomusa,
yena othethelela zonke izono zakho,
owelapha zonke izifo zakho;
okhulula ukuphila kwakho ekubhujisweni,
okuqhelisa ngomusa nangobubele;
osuthisa ukulangazela kwakho ngokuhle,
ubusha bakho bubuyiswe njengokhozi.

UJehova ubenzela bonke abacindezelwayo
ukulunga nokwahlulela.

Wamazisa uMose izindlela zakhe,
nabantwana bakwa-Israyeli izenzo zakhe.
UJehova unobubele nesihawu;
wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa.
Akathethi njalonjalo;
akagcini intukuthelo yakhe kuze kube phakade.
Akasiphathi njengokufanele izono zethu,
akasivuzi njengokwamacala ethu.
Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba
unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo.
Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga,
udedisile kangaka kithi iziphambeko zethu.
Njengoyise ehawukela abantwana bakhe,
kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo.
Ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu;
uyakhumbula ukuthi siluthuli.

Mbonge uJehova, mphefumulo wami; konke okuphakathi kwami makubonge igama lakhe elingcwele. Mbonge uJehova, mphefumulo wami, ungakhohlwa imisebenzi yonke yakhe yomusa, yena othethelela zonke izono zakho, owelapha zonke izifo zakho; okhulula ukuphila kwakho ekubhujisweni, okuqhelisa ngomusa nangobubele; osuthisa ukulangazela kwakho ngokuhle, ubusha bakho bubuyiswe njengokhozi. UJehova ubenzela bonke abacindezelwayo ukulunga nokwahlulela. Wamazisa uMose izindlela zakhe, nabantwana bakwa-Israyeli izenzo zakhe. UJehova unobubele nesihawu; wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa. Akathethi njalonjalo; akagcini intukuthelo yakhe kuze kube phakade. Akasiphathi njengokufanele izono zethu, akasivuzi njengokwamacala ethu. Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo. Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga, udedisile kangaka kithi iziphambeko zethu. Njengoyise ehawukela abantwana bakhe, kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo. Ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu; uyakhumbula ukuthi siluthuli.

AmaHubo 103:1-14

Psalm 103:1-14
I-YouVersion'

Ukukukhuthaza nokukubekela inselelo yokufuna ubudlelwano noNkulunkulu nsuku zonke.

Inkonzo

Mayelana

Imisebenzi

Volontiya

I-Blogi

Abezindaba

Izixhumanisi Eziwusizo

Usizo

Nikela

Izinguqulo zeBhayibheli

AmaBhayibheli Alalelwayo

Izilwimi zeBhayibheli

Ivesi losuku


Inkonzo yedijithali ye

Life.Church
English (US)

©2025 I-Life.Church / YouVersion

Inqubomgomo yobumfihloImibandela
Uhlelo Lokudalula Ubungozi
U-FacebookU-TwitterI-InstagramI-YouTubeI-Pinterest

Ikhaya

IBhayibheli

Amapulani

Amavidiyo